Kushiya intandokazi yabalandeli kuMkhokha
U-Angel Zuma, odume ngelikaNomkhosi emdlalweni Umkhokha: The Curse, uyashiya kulo mdlalo njengoba esethole ithuba eliyingqayizivele nje.
Le ntokazi yaqala ukuthola udumo idlala indawo kaZethu ku-Uzalo.
Manje, usethole indawo entsha emdlalweni odume umhlaba wonke, iThe Lion King.
IZimoja ibika ukuthi u-Angel akazange ananaze ngesikhathi enikwa ithuba lokujoyina iThe Lion King, okumanje ihambela eNorth America nasemhlabeni jikelele.
“Ubelokhu efuna ukusebenza phesheya. Awuliyeki ithuba elifana naleli,” kusho umngani osondelene naye ocele ukungavezwa.
Ngemuva kokusayina inkontileka yeThe Lion King, u-Angel wazise abadidiyeli boMkhokha ukuthi usezohamba.
Ukuhamba kwakhe bekungalindelekile njengoba ebesephenduke intandokazi yabalandeli.
“Ophrojusa bebengafuni ukulahlekelwa nguye,” kucashunwe umthombo usho kanje.
Umlingiswa wakhe, uNomkhosi, uyingxenye yendaba esegudiwini njemanje, lapho yena nomyeni wakhe, uKhulekani, bexebuka bebumba ibandla labo.
Lokhu kushiya ophrojusa nesinqumo esinzima: ukumshintsha bafake omunye umlingisi noma bambulale umlingiswa wakhe.
Omunye wangaphakathi uphakamise ukuthi u-Angel angase abuye isikhashana azoshutha iziqephu zakhe zokuphuma.
“Akazange ahambe kabi, ngakho kungenzeka,” kusho lo osebenza kulo mdlalo.
Nokho, izinhlelo zekusasa lomlingiswa wakhe zizohlala zingaqinisekisiwe okwamanje.
Omunye umthombo uveze ukuthi kuzoba nzima ukuthola ozovala isikhala sakhe.
Inhlolokhono ingase ibanjwe ngesonto elizayo ukuze kutholakale ozovala isikhala sakhe, ngokusho kwabangaphakathi kulo mdlalo.
UPortia Hlongwane, okhulumela iMzansi Magic, ukuqinisekisile ukuthi u-Angel uthole ithuba elimangalisayo lokujoyina iThe Lion King eToronto, eCanada.
FUNDA NALA: Amadodana kaMandoza ‘azovusa’ uyise ngomdlalo
“Uyalijabulela leli thuba. Ababukeli basambona kumabonakude okwamanje,” kusho uHlongwane.