EzintshaOsaziwayo

Usezobonakala kwi-Isiphetho umlingisi obesewile

Umakadebona womlingisi uCarlos Radebe usanda kuthola usizo kubalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana, wathinta izinhliziyo zabaningi. 

Kwabathintekayo bekukhona umdidiyeli wemidlalo kamabonakude, uMandla N, owanquma ukungenelela.

UMandla, ongumdidiyeli omkhulu wemidlalo efana nethi Isiphetho: Destiny; Isitha, uzizwe ephoqelekile ukusiza uCarlos. 

Ekhuluma nephephabhuku iDrum,  uveze ukuthi bake basebenza ndawonye phambilini kwiCity Ses’la phambilini besadonsa kanzima. 

“NjengeBlack Brain Pictures (inkampani yakhe), sibona kuwumthwalo wethu ukusiza,” kusho uMandla.

Ukweseka uCarlos, uMandla ukhulume nethimba lakhe lababhali ukuthi limenzele umlingisi kwi-Isiphetho: Destiny

UMandla uncome uCarlos, embiza ngomlingisi onekhono. Wengeze ngokuthi kubuhlungu ukumbona edonsa kanzima. 

“Lo mdlalo ugcwele izihlabani ezifana noSindi Dlathu, uThemba Ndaba noLinda Sokhulu… 

“Ukwengenza ngoCarlos kuyamangalisa ngoba unekhono elihle kakhulu,” kuphawula uMandla.

UMandla uphinde waveza ukuthi izimo ezifuze lezi zingagwemeka uma uhulumeni engayeseka kangcono imboni yezokulingisa. 

“Ukube besinokwesekwa okwengeziwe kuhulumeni ngabe azikho izimo ezifana nalezi. 

“Lokhu kungenzeka kunoma ubani, ngisho nami. Ngiyethemba ukuthi uma kwenzeka kimina ngoluthola usizo,” kuchaza yena.

Nokho uMandla ukholelwa ekutheni amaciko kumele aziphendulele ngezenzo zawo. Uveze ukuthi abaningi kule mboni baphila ngokungaphezu kwamandla abo uma bethola imisebenzi emikhulu.

Uthi lokhu kwenza basebenzise imali abangenayo, okwenza mhla kuphela umsebenzi basale bengenalo nesenti. 

UCarlos Radebe wasizwa ngomunye owambona esehlala endaweni engeyinhle, wamshutha wamfaka ezinkundleni zokuxhumana emcelela usizo.