EzintshaUMaskandi

UGatsheni uqokwe kwindondo enkulukazi kumaSatma

Umculi kaMaskandi, uKhuzani “Gatsheni” Ndlovu uqokwe emikhakheni ebalulekile emcimbini we-19th South African Traditional Music Achievement (Satma) Awards walo nyaka. 

Abaqokiwe bamenyezelwe emcimbini obuseFreedom Park Museum ePitoli ngoMgqibelo.

UGatsheni uqokwe emikhakheni ebalulekile. Ingoma yakhe eyashisa izikhotha ethi, Hit After Hit imfake emkhakheni weSong of the Year. 

Okuphawulekayo wukuthi nguyena yedwa umculi kaMaskandi oqokwe kulo mkhakha.

Uqhudelwana nabaculi abafana noMr Vee Sholo, Thizwihangani Nemanashe Tzafenda, nabanye.

Phezu kwalokhu, uGatsheni uphinde waqokwa kwindondo yeBest Maskandi Artist/Group. 

Kulena uncintisana nabanye abaculi bakaMaskandi oSminofu, uGqizile, uShumi Lezinsizwa, noMdumazi. 

Yize kunomqhudelwano onzima, uGatsheni usanethemba futhi ubonga ukuqokwa. 

Unxuse abalandeli bakhe ukuthi bameseke ngokuvota.

Ekuqaleni kwalo nyaka, impumelelo kaGatsheni ibonakale ngesikhathi ewina indondo yeBest Newcomer kuma-2024 Cultural and Creative Industry Awards ngoMashi. 

Uphinde waba sematheni ngo-Ephreli ngesikhathi ecula kwi-2024 Mother of All Maskandi Festival.