EzintshaOsaziwayo

Kusolwa uDr. Malinga ngokuxhaphaza uTsekeleke

UTsekeleke, ogama lakhe langempela nguMixon Tholo, kuthiwa usedinwe wumndeni wakhe. 

Lo mculi ongumdansi oneminyaka engu-39, ophinde abe ngusaziwayo odabuka eMabopane, eTshwane, uphatheke kabi ngemizamo yabomndeni yokumlawula emalini yakhe. 

UTsekeleke, othathe leli gama esihlabanini seKwaito esingasekho u-Anthony “Tsekeleke” Motaung, ubenze idili likaMkhipheni ngoLwesihlanu. 

Ngokubika kweZimoja, umcimbi uphenduke isiphithiphithi. 

Umzala wakhe uNeo usole intombi kaTsekeleke, uBlack Cat, ogama lakhe langempela uMathapelo Kanyane, nesihlabani seKwaito uDr. Malinga ngokuxhaphaza uTsekeleke. 

Bakholwa ukuthi laba bobabili bayamhlukumeza ngokwemali. 

Lokhu kusolwa kulandela ingosi yezokuxhumana lapho uBlack Cat noTsekeleke bebukise ngemali ebalelwa ku-R150 000. 

Le mali kuvele ukuthi bebeyenze ngamagigi abo akamuva.

Omunye umthombo udalule ukuthi umndeni kaTsekeleke uzizwa ukhishwa inyumbazane. 

Bakholwa wukuthi ulalela uBlack Cat noDr. Malinga kuphela, eshaya indiva izeluleko zomndeni wakhe. 

Lokhu kudale ukushuba kwesimo, umndeni uzizwa sengathi awusanamandla kuye njengoba esezenzela imali. 

Ngakolunye uhlangothi, uTsekeleke ucasulwa yimizamo yokulawula umholo wakhe, kanti yena ufuna ukuzimela ngokwakhe.

Ngesikhathi bebhekene noBlack Cat ebashutha, abazali bakaTsekeleke baziphikile lezi zinsolo. 

Unina, uMaria Tholo, ukugcizelele ukuthi uMaxon uayawondla umndeni umndeni wakhe. 

Uveze ukuthi usanda kubathengela inyama nezinyawo zenkukhu. 

Nokho, uBlack Cat ukuchithile ukugxekwa, wathi akanandaba nemibono yabantu yena.