EzintshaImicimbi

Amadodana kaMandoza ‘azovusa’ uyise ngomdlalo

UTokollo noTumelo “Harry” Tshabalala, abangamadodana esihlabani somculo weKwaito esingasekho, uMandoza balungiselela imidlalo emibili emikhulu yokuhlonipha uyise. 

Le zelamani kumanje zilungela ukulingisa nokucula emdlalweni wokuhlonipha uyise.

Lo mdlalo uzoba ngoSepthemba 18 eSoweto Theatre eJabulani. 

Lolu hlelo luzobe lukhombisa impilo kababa wabo, inkakha yodumo lwengoma eyashisa izikhotha ethi Nkalakatha

UTokollo uzodlala indawo kaMandoza esekhula eZola, eSoweto, ngaphambi kokuthi abe yisihlabani. 

UHarry nomfowabo ozalwa komunye umama, uThapelo Komotolo nabo bazoba yingxenye yabalingisi. 

Ngonyaka odlule, umlingisi uWiseman Mncube nguye idlale indawo kaMandoza emdlalweni weBET Africa othi Nkalakatha: The Life of Mandoza.

UTokollo uveze ukuthi abantu bavame ukuthi ufana noyise, ikakhulukazi njengoba ekhula futhi manje esenentshebe. 

“Ngesikhathi ngisemncane, ngangingafani naye. Kodwa manje, ngentshebe, abantu sebeyakubona ukufana,” kusho yena kwiSowetan

UTokollo, manje oneminyaka engu-25, ukhumbule indlela uyise ayengawubambi ngayo umshini.

Wayemgada ukuthi udla ukudla okufanele, aphinde agxile ezifundweni nakwezemidlalo. 

“Wayekuqaphela engangikudla, futhi ngangijeziswa ngokudla ikota phakathi nesonto.

“Wayehlale efuna ngibe sekhaya, ngibhekane nezincwadi zesikole,” kukhumbula yena.

UTokollo ubuye wakhuluma ngokuzwana kwakhe noyise. 

Kwadingeka enqabe umfundaze esesikoleni samabanga aphakeme ngoba efuna ukuza seduze noyise. 

Ngaphezu kwalo mdlalo oweSoweto Theatre, bazobe becula nomculi waMapiano uFocalistic kwiDStv Delicious International Food & Music Festival. 

UHarry, owaqala umsebenzi wakhe womculo ngonyaka odlule, ukulangazelela umdlalo wakhe wokuqala omkhulu.

“Ukucula nomfowethu esiteji kuyisibusiso,” kusho lo omncane kulaba ababili. 

“Besijwayele ukucula futhi sicula izingoma zikababa endlini.

“Manje, sizokwenza phambi kwezinkumbi zabantu, ” kusho yena.