Kukhalwa ngomqhele waseTemu othweswe uChidima
UChidimma Adetshina ubelokhu esematheni kwi-X selokhu enqobe emqhudelwaneni kaMiss Universe Nigeria 2024 ngoMgqibelo.
Nokho, akukhona nje ukunqoba kwakhe obekumenza abe ngundabamlonyeni.
Abasebenzisi benkundla yezokuxhumana babone okubonakala sengathi umqhele wakhe uthengiswa kuTemu.
Lokhu kususe izimpikiswano njengoba abanye bethi uthathwa kancane uChidimma.
Lo nobuhle oneminyaka engu-23 ubemele isifunda saseTaraba.
Uthweswe lo mqhele kulandela ukudla isicoco sikaMiss Universe Nigeria ngemuva kokuncintisana nabanye abangu-24.
Manje usenethuba lokumela iNigeria emqhudelwaneni kaMiss Universe eMexico ngoNovemba.
Nokho, ukunqoba kwakhe kugcine kungasakhulunywa kangako ngakho, kodwa sekubbhekwa indaba yomqhele wakhe.
U-@destinyzee, ubhale ukuthi ubone umqhele ofanayo kuTemu, ubiza u-R76 kuphela (cishe u-₦6,786 ngemali yaseNigeria).
Le ndaba ibe seyiphenduka umlilo wequbula kule nkundla yezokuxhumana.
Abaningi bakwenze ihlaya, kuyilapho abanye baveze ukudumala ngezinga lalo mqhudelwanoobaluleke kangaka.
Omunye wabasebenzisi, u-@ThemthusaseGoC3, uzwakalise ukungakholwa kwakhe, wathi, “Okubi kakhulu intengo yomqhele ngu-R76.00.
“Cabanga uMiss Universe nomqhele obiza imali elingana nokushajwa kabusha kwe-airtime.”
Omunye, u-@HypeHoncho, unanele lo mbono, wathi, “Lawa akuwona namahloni. Baze bazikhohlise. R79.00 ukuthola umqhele?”
Ukugxekwa kuqhubekile no-@StHonorable ophawule wathi, “Yooooooh, bamnikeze okushibhile kunabo bonke.”
Naphezu kwamahlaya, abanye bebegxeka kakhulu lesi simo, bengabaza amazinga omncintiswano nokubaluleka okubekwe kule miklomelo.
U-@KGloria35440 waphawula, “Yonke into bekuyipulasitiki kuhlanganise nezindebe.”