EzintshaOsaziwayo

Ushone ngosuku lwakhe lokuzwalwa uThabiso Sikwane

Ubelungiselela ukugubha usuku lwakhe lokuzalwa njengoba ebehlanganisa iminyaka engu-50. 

Ubehlele umcimbi endaweni eyimfihlo ebeyaziwa abangane nomndeni wakhe kuphela. 

Ukushona kwakhe kungazelelwe kuthuse abaningi, kanti futhi amazwi enduduzo alokhu eqhubekile emndenini wakwaSikwane nowakwaMatladi.

UThabiso ubesanda kwehlukana no-DJ Fresh ayeshade naye iminyakanyaka. U-Dj Fresh usephawulile ngalokhu, ecacisa okwenzekile. 

Bebesanda kuba nengxoxo kwiPodcast ka-DJ Fresh, kanti uchaze ukuthi ukushona kwakhe bekungalindelekile futhi akukacaci ukuthi yini.

Udlule emhlabeni ngezithuba zabo-6.30 ekuseni ngoMgqibelo. Ubalule ukuthi odokotela basola ukuthi kungenzeka ukuthi kube yisifo senhliziyo. 

Kodwa imbangela yangempela ayikaziwa, kusalindwe ukuhlolwa kwesidumbu.

“Lokhu akukholweni, nokuthi kungenzeka kanjani kungazelelwe kanjena,” kusho uDJ Fresh.

Uveze ukuthi izibulo labo, uDJ YBF, limgqugquzele ukuthi aqhubeke nomsebenzi wakhe yize bezilile. 

“Uthe, ‘ngithemba ukuthi uzokuhlonipha ukubhukhwa kwakho ngoba yilokho umama abengakufisa ukwenze’,” kubalisa uDJ Fresh. 

Umndeni ulinde imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu ukuze kucace kabanzi ngokudlula emhlabeni kukaThabiso kungazelelwe. 

Isikhumbuzo nemininingwane yomngcwabo izokwabiwa umndeni ngesikhathi esifanele.