Umjolo awuke ume kancane – Babes Wodumo
Sekuqubuke amahlebezi okuthi useqomile uBabes Wodumo njengoba sekuyophela iminyaka emibili ashonelwa umyeni wakhe uMandla “Mampintsha’ Maphumulo.
UMampintsha washona ngoDisemba 2022 ngemuva kokuxinwa isifo sohlangotjji esamgadla siphindelela amahlandla amabili.
Kodwa umculi weGqom ophinde abe umdansi uBabes Wodumo utshele iZiMoja ukuthi akakakulungeli ukungena emjolweni.
Kuleli sonto, ungene kwi-Instagram bukhoma egqoke amaphenti akhangayo kunendoda eceleni kwakhe.
Abalandeli bakhe bebesola ukuthi kungenzeka ukuthi cishe yisoka asevuke ngalo ngendlela abebehlezi ngayp.
Nokho usekuqinisekise ukuthi le nsizwa abethokomele nayo ingumngani nje kuphela.
“Bayasangana, angijoli naye. Singabangani futhi uyisitabane,” kusho uBabes.
Uthe akakakulungeli ukuthandana ngoba akukadluli kuye ukushiywa uMampintsha ‘owayengumyeni othembekile.
“Angikwazi nje ukuqoma ngenxa yokushelwa. Kunezinto ezithile okufanele ngizenze futhi ngimemezele emndenini wami ngaphambi kwalokho,” kusho yena.
Cishe sekuphele iminyaka emibili uMampintsha ashona kanti uBabes Wodumo kuthiwa ubejola nowayeyilungu leqembu le-Amaroto, uSabelo Zuma.
Kodwa ngokusho komngane, lokho kwaphela kungazelelwe.
“Akuzange kube yisikhathi eside,” kusho umngani etshela kwabeZiMoja. “Wayenamantombazane amaningi, ngakho lokho bekungeke kusebenze.
“UBabes uzile ngobuqotho.” Naye uBabes ukuphikile ukuthi ujola noZuma. “Ungumfowethu lowo. Abantu bayohlezi bekhuluma ngami; sengijwayele. Ngiyisihlabani,” esho sakuzigqaja.
UBabes Wodumo usasebenzela ukubuya kwakhe endimeni yomculo.
“Sengiyiqedile iphrojekthi yami, iyamangaza, anginaso isikhathi somjolo, ngimatasa nomculo wami.
FUNDA NALA: UGogo Skhotheni uchitha amahlebezi okujola noMseleku
“Ngiphinde ngibe nezincwadi ezisezinhlelweni njengamanje, ngakho nje, umjolo awume kancane,” kuchaza yena.