EzintshaOsaziwayo

UGogo Skhotheni uchitha amahlebezi okujola noMseleku

UGogo Skhotheni, isangoma esaphenduka u-DJ nomsakazi, usephumele obala ngamahlebezi okuthi ujola noMpumelelo Mseleku. 

UMpumelelo yindodana kaMusa Mseleku wodumo lohlelo lukamabonakude Uthando Nesthembu.

Manje ngokubika kweTshisaLIVE, lesi sihlabani, igama laso langempela nguTumi Motsoeneng, singene enkundleni yezokuxhumana sikhuluma ngamahlebezi okujola noMseleku omncane.

“Angikaze ngilale noMpumelelo Mseleku. Ngiyafunga ngempilo yokhokho bami,” kusho uGogo Skhotheni. 

Ukucacisile ukuthi ukuxhumana kwakhe noMseleku kungokomsebenzi kuphela ngesikhathi evela ku-podcast yakhe. 

“Ngisho nowayengumyeni wami ubengakufakazela lokhu,” kwengeza yena, egcizelela ukuthi umshado wakhe awukaze ungcoliswe ukungathembeki.

Impilo kaGogo Skhotheni ibilokhu ibhekwe ngabomvu selokhu amemezela ukwehlukana nomyeni wakhe uMonde ekuqaleni konyaka. 

Naphezu kokwehlukana, ugcizelele ukuthi ukuhlukana kwabo bekuyinto abayenze ngokuvumelana nangokuthula. 

“Nginezinyanga eziyisithupha ngingashadile futhi abantu basacabanga ukuthi ngiqomile,” ebhala ecacisa ngesimo sakhe samanje. 

Uqhube wachaza ukuthi basaqhubeka nokuhlalisana nokubambisana ezindabeni zamabhizinisi.

Kodwa sekunesikhathi bengasathandani, baze bangabe besalandelana ezinkundleni zokuxhumana ngasekupheleni konyaka odlule.