Lisabhibha inxeba kuDiva ngokuxoshwa Okhozini
Usenenxeba elibhibhayo owayengumsakazi kuKhozi FM, uKim “Da Diva” Ngcobo ngendlela axoshwa ngayo kulo msakazo.
Yise ashiya ngo-2014 kulo msakazo, uthi namanje akazi ukuthi yini le eyenza inkontileka ayangavuselelwa.
Ulandise iPodcast: Radio and Stuff ukuthi wachitha ihora lonke ehlezi noBonga Mpanza owayengumphathi wesiteshi ngaleso sikhathi, ezama ukuthola isizathu sokuchithwa kwakhe.
Uthi wagcina engatshelwanga isizathu kanti wayefisa ukungawaphindi amaphutha uma kukhona lapho wayeshibilike khona.
“Ukusebenzela umsakazo yinto engayithanda ngisafunda isikole,” kusho yena.
Waqala umsebenzi wokusakaza kwiP4 eyagcina iguqulwa iba yiGagasi FM.
“Ngesikhathi ngisasebenzela inkampani yomakhalekhukhwini, ngahlangana nomuntu owangicushisa ukuthi kumele ngikhulume nobani kwi-P4.”
“Ngabe sengijoyina iP4, uhlelo lwami lokuqala lwaluphakathi kuka-12 ekuseni no-3 entathakusa.
“Ngangihlezi ngifaka isicelo somsebenzi kuKhozi FM, ngicela neminingwane kubasebenzi bakhona ukuthi ngixhumane nobani.
“Ngabe sengidlulela kwiGagasi FM kwaze kwaba u-2006. IDurban Youth Radio yangininika uhlelo lwasekuseni ngo-9 ekuseni kuya ku-12 emini.
“Ngangisebenza noSthandwa Nzuza ngaleso skhathi nakuba singazange sihlangane ubuso nobuso.
“Ngathola ucingo oluvela oKhozini FM luthi luyangithatha angize ngizosayina inkontileka – ngisebenze kulo kusuka ngo-2008 kwaze kwaba u-2014,” kuqhuba le ntokazi.
Kodwa kwathi kusemnandi, nabalaleli beyithanda, kwavele kwabhimba uhlelo abaphathi beyitshela ukuthi umsebenzi uphelile.
“Ngabe sengitshelwa ukuthi inkontileka yami ngeke ivuselelwe, angizange nginikwe isizathu sokuthi kungani.
“Ngafikelwa wumuzwa wokuthi kumele ngikhulume nomphathisteshi wangaleso sikhathi uBonga Mpanza ukuze ngichazeleke.”
Uthi wacela ukunikwa isizathu ukuze uma kukhona lapho engahambanga kahle khona ezolungisa, angaphindi iphutha elifanayo nalapho ezoya khona.
“Sachitha cishe imizuzu engu-45 kusobala ukuthi akanazizathu.
“Ngiyalubonga uthando engalutho kubalaleli boKhozi FM, Amadelabuthongo, abantu abafana noNhlekelele.
“Angisoze ngibalibale beshayela besuka eGauteng beya eThekwini ukuzongibona nje,” kuqhuba uDiva.
“Kwadingeka ngithinte umphathi wezokuphepha ngicele imvume yokubavumela bangene ngaphakathi estudiyo.
“Inhloko yezokuphepha yathi kimi kumele ngiqinisekise ukuthi kababulali lutho.
“Okushaqisayo wukuthi akekho noyedwa owake washo okuthile kimina ngaleso sigameko.”

