ImicimbiIsintu

Unqabe ukuphawula umculi ovukwe yidlozi esesteji

Kuthuke abezindaba nezihambeli emcimbini wokwethulwa kabusha komdlalo owuchungechnge we-SABC2 iMuvhango eFourways, eGoli ngoLwesine olwedlule ngesikhathi umculi obenandisa evukwa yidlozi esesteji. 

Lo mdlalo ozoqalwa kabusha usuzobophela izinsephe kwezokulingisa ezifana noLeleti Khumalo, kodwa ukwethulwa kwawo kugqitshwe okwenzeke kumculi wesifazane uCsana. 

Lo mculi we-Afro-soul uCsana ubesesiteji enandisa ngengoma yakhe ethi Ndobeleni ngesikhathi kusuka isidumo.

Izinhlelo ziphazamisene imizuzu embalwa ngemuva kokuthi uCsana, ogama lakhe langempela nguNonguquko Mlaza, equlekile esiteji ethi ‘uhlaselwe yimimoya’. 

Lo mculi odabuka e-Eastern Cape uguqe ngamadolo maqede walala ngomhlane kwashiya izethameli zibambe ongezansi. 

“Ngesikhathi ngigcina ukusangana ngangiqopha yona le ngoma kodwa kwabe kungekho abalaleli,” ucashunwe esho kanje kwiZiMoja. 

“Ithimba labaphathi bami latatazela lacabanga ukuthi ngidinga usizo lwezempilo.” Akubanga abebebukele kuphela abashaqekile, kodwa namalunu eqembu lakhe nawo abengakholwa ngesikhathi eqala ukuvevezela esesiteji. 

Omunye wabahleli bomcimbi usheshe waya endaweni yokucima ukoma eyomkhelela amanzi, kodwa kwatholakala ukuthi awasizini ngalutho. 

Ebuzwa ukuthi uyisangoma yini, uCsana uthe akakhululekile ukukhuluma ngohambo lwakhe lokomoya okwamanje. 

“Bengihlale ngitshelwa ukuthi nginobizo olukhethekile, nokuyinto engithwale kanzima ukuyamukela ngoba ngikholwa wukuthi umculo uwubizo lwami. 

“Isiphiwo enginaso ngesamandla aphezulu kodwa ngifundile ukwamukela ukuthi kunezinto ezithile. 

“Lokho kungaphezu kwamandla ami futhi kudinga ukunakwa,” kusho uCsana.