USjava usezosheba umculo nokulingisa
Umculi othandwayo wakuleli, uSjava usemkhankasweni zokuqhakambisa ikhono lakhe hhayi emculweni nje kuphela kodwa nasekulingiseni.
Lo mculi, owahlonishwa ngendondo yeBET ngo-2018 usanda kuthola indawo entsha emdlalweni okhonjiswa kwi-BET, iQueendom.
Lapha ulingisa indawo yenkosana uMkhuseli Khahlamba kanti ubesanda kukhipha nomculo omusha oshise izikhotha.
Yize kunjalo, nakuba ukulingisa kusegazini kuye, umsebenzi wakhe omkhulu kwezomculo usaqhubeka nokudlondlobala ngemuva kokukhipha ingoma yakhe entsha ethi, Ngibongiseni.
Le ngoma yamavuma iwumnikelo osuka enhliziyweni kuye, kanti iyona ayiphusha phambili kwi-albhamu yakhe yakamuva ethi Isibuko.
Le albhamu yakhe entsha izophuma ngoLwesihlanu lomhla ka-10 kuNhlaba ka-2024.
“Izingoma eziningi ezikwicwecwe lami elidlule ziwuhlobo lwezingoma eziveza okusuka kimi ngaphakathi.
“Ngakho ngabona kunesidingo sokuthi ngizifake kule albhamu,” kusho lo mculi kwiSowetan.
“Ukukhuluma nawe ngokungagwegwesi, abantu abakayeki ukuthanda umculo wami… Ulokhu wamukelwa kahle nje.
Kodwa kumele ngikuveze nokuthi kukhona labo abangawuthandi futhi abangakaze bawuzwe kusukela ekuqaleni futhi lokho akungikhathazi.
“Umculo ngiwenzela labo abadinga ukuphulukiswa, ukuzindla nokuzithokozisa.”
UJabulani Hadebe, okuyigama likaSjava langempela, wazalelwa eBergville, KwaZulu-Natal, eminyakeni engu-39 edlule.
OLUNYE UDABA: Bayaliphika icala abasolwa ngokubulala umdlali weChiefs
USjava ungummculi we-R&B, African Trap ne-Afro-pop kanti waqala ukulingisa ngo-2005.
Waduma ngesikhathi elingisa emdlalweni owuchungechunge ku-SABC 1 iZone 14 lapho ebonakale khona amasizini amathathu elandelana.
Ube esephinde ebonakala kuMzansi Magic edlala kwi-Isibaya nakwisizini yesibili yomdlalo wobugebengu, eHostela.
Lo mculi usejoyine izihlabani zabalingisi ezihlanganisa oSindi Dlathu, uLinda Mtoba, uHamilton Ndlovu, uMduduzi Mabaso, uDawn Thandeka King, uThemba Ndaba noSilindile Nodangala kwiQueendom.