EzintshaOsaziwayo

Bayaliphika icala abasolwa ngokubulala umdlali weChiefs

INkantolo yeMantshi yaseRoodepoort kulindeleke ukuthi ilalele obunye ubufakazi bukafakazi oqavile mayelana nesicelo sebheyili sabasolwa abayisithupha ababoshelwe ukubulala umdlali weKaizer Chiefs, uLuke Fleurs. 

UFleurs wadutshulwa wabulawa emasontweni amane edlule ngamadoda amabili ayehlomile ngesikhathi edunwa imoto eFlorida, eGoli.

Kuboshwe abasolwa abayisithupha oNdumiso Ndura Moswane (26), Fernando Nando Sive (25), Nhlakanipho Dlamini (21), Franky Xaba (25), Maredi Mphahlele (36) noThembinkosi Hlomikhawu (31) ngaleli cala lokubulala.

Babhekene namacala okubulala, ukubamba inkunzi besebenzisa isihluku nokwephula umthetho. 

Laba abayisithupha baboshwa eSlovoville emasontweni amathathu edlule.

Amaphoyisa athi akholelwa ukuthi abasolwa abayisithupha bayingxenye yethimba eliduna izimoto eGauteng. Ukuthungatha abanye abasolwa kuyaqhubeka.

IMantshi, uDelise Smith iyalele ukuthi umphenyi wecala uSergeant Nare Benedict Moloto, one-afidavithi eyakha isisekelo sobufakazi bombuso kuleli sonto, avele enkantolo ngoLwesibili ukuze anikeze obunye ubufakazi. 

USmith ulihlehlisele uMeyi 7 icala ukuze uMoloto eze azofakaza, wayalela ukuthi abasolwa bagcinwe esitokisini samaphoyisa.

Uyise walo obengumdlali wasemuva weChiefs, uTheodore Fleurs, uthe usebaxolele ababulali bendodana yakhe ngemuva kokuvela kwabo okokuqala enkantolo. 

Uchaze indodana yakhe njengomfana okhethekile ngesikhathi kunenkonzo yesikhumbuzo yokuyihlonipha.

Kodwa kuleli sonto ubufakazi bomama babasolwa ababili buveze abazali abanezinkinga namadodana abo.

Unina kaDlamini, uNkosazana Dlamini, wethule ubufakazi ngoLwesine ukuthi wake waxwayisa indodana yakhe phambilini ukuthi iyeke ukuzihlanganisa noHlomikhawu “ngoba wenza ubugebengu”.

UDlamini uthe emasontweni ambalwa ngaphambi kokubulawa kukaFleurs, wayefuna ukuzifikela mathupha kuHlomikhawu ngokufaka indodana yakhe ebugebengwini kodwa amaphoyisa amvimba.

Ngesikhathi befaka isicelo sebheyili ngesonto eledlule, abasolwa bakuphikile ukuthi babulala uFleurs. 

Baphika nokuthi bamduna imoto yakhe. Batshele inkantolo ukuthi icala lombuso elibhekene nabo lintekenteke ngakho ngeke libahlanganise namacala abasolwa ngokuwenza.

Umshushisi woMbuso uPaseka Temeki uthe umbuso uyayiphikisa ibheyili. 

UTemeki uveze izizathu zokuphikisana nebheyili encwadini efungelwe ehlanganiswe umphenyi wecala uMoloto.

Ummeli kaHlomikhawu, uShibu Molefe, ucele unina, uNosisi Hlomikhawu ngoLwesine ukuthi asukume azofakaza egameni lendodana yakhe ngokweseka isicelo sayo sebheyili.

Ephekwa ngemibuzo uHlomikhawu ubuzwe ukuthi indodana yakhe iyingane “eyinkinga” yini? Waphendula: “Uyingane enenkinga yokugqekeza.”

Encwadini yakhe efungelwe, uMoloto uveze ukuthi uHlomikhawu wake walahlwa yicala lokugqekeza indawo yokuhlala ngo-2011 wase egwetshwa iminyaka emihlanu ebhadla ejele.

Uphinde watholwa enecala lokugqekeza indawo yokuhlala ngecala lika-2014 wagwetshwa iminyaka eyisithupha ejele, iminyaka emine ilengiswe iminyaka emihlanu, kwathiwa akakufanele ukuba nesibhamu. 

UMoloto uthe ummangalelwa waphinde watholakala enecala lokucekela phansi impahla ngo-2014 wabe esegwetshwa izinyanga ezimbili ebhadla ejele bese enikwa ithuba lokukhokha inhlawulo ka-R2  000.