Useshiyile kwiSibongile and the Dlaminis uLuyanda Zwane
Umlingisi osafufusa, uLuyanda Zwane, ozakhele igama ngokudlala indawo ephambili kwiSibongile And The Dlaminis, kuvela ukuthi uyawushiya lo mdlalo kamabonakude.
ULuyanda Zwane utshele iBriefly News ukuthi ngeke abuye njengoSibongile ngesizini yesibili yalo mdlalo okhonjiswa kuMzansi Magic.
“Le mpumelelo iqinisekisa ukuthi sisendleleni efanele, sixoxa izindaba eziphusile eziletha injabulo nethemba,” kusho yena.
“Ukwamukelwa okuvela kwiNingizimu Afrika kuyamangalisa. Mayelana nesizini yesibili, lindela uSibongile omusha.
“Ngeke ngibuye ngenxa yokwehluka nezinselelo ngokuqoshwa kwalo mdlalok.
“Njengentokazi ehamba phambili, lokhu kungijabulisa kakhulu futhi ngiziqhenye ngoba ngiyalwazisa uhambo lukaSibongile.
“Kusondele kakhulu enhliziyweni yami, futhi ukubona iNingizimu Afrika ithintwa nguye kuyamangaza impela.”
Ukushiya kukaLuyanda kuqinisekiswe nangumxhumanisi womphakathi nenkampani eqopha lo mdlalo, uJabu McDonald.
“ULuyanda Zwane uyashiya #SibongileXDlaminis futhi ngeke abe yingxenye yesizini yesibili,” kusho uMcDonald.
Umthombo osondelene nethimba eliqopha lo mdlalo uveze ukuthi uLuyanda Zwane ushiywe ekupheleni kuka-2023 kwiSibongile and the Dlaminis.
OLUNYE UDABA: Usemtholile owesihlanu uMseleku, umlingisi wodumo lweTV
Kube sekuthungathwa ozovala isikhala sakhe futhi usetholakele yize igama lakhe lingakadalulwa okwamanje. Uqale ngoNhlolanja ukuqopha.