EzintshaOsaziwayo

Usekhonjwa kwababesendlini owabulala uSenzo Meyiwa

Sekuvele ukuthi kunobufakazi bokuthi owabulala uSenzo Meyiwa ngumuntu owayengaphakathi endlini, hhayi owangena esuka ngaphandle. 

Omunye wabamele omunye wabamangalelwa abahlanu abaqula leli cala, u-Advocate Thulani Mngomezulu, uthe uMeyiwa wabulawa uLongwe Twala.

Uthi uMeyiwa – owayengukaputeni weBafana Bafana ne-Orlando Pirates – wadutshulwa uLongwe owayedakiwe exabana nentombi yakhe. 

ULongwe – oyindodana yomculi oyinkakha yakuleli, uSello “Chicco” Twala – wayethandana noZandie Khumalo ngaleso sikhathi.

UMeyiwa wafela endlini yakhaboZandie ongudadewabo kaKelly Khumalo owayejola noMeyiwa ngaleso sikhathi. 

UMngomezulu uveze lolu lwazi olusha ngesikhathi epheka ngemibuzo omunye wabaphenyi baleli cala uSergeant Batho Mokgola. 

Uveze ukuthi kunobufakazi obuzovezwa ofakazi asazobabiza obuzokhomba ukuthi kwenzakalani ngempela ngosuku lwesigameko.

UMeyiwa washona ngoSepthemba ka-2014. NgokukaMngqomezulu, uMeyiwa wayezama ukulamula kulwa uLongwe noZandie, wadubuleka ngephutha. 

“ULongwe wafika edakiwe ephethe isibhamu, waxabana noZandie wadubula kwalimala uMeyiwa, wazidubula naye uLongwe emlenzeni,’’ kusho uMngomezulu.

“Ubufakazi besibhamu obalethwa yiphoyisa buyingxenye yamanga akhandiwe ukuvikela umuntu othile. 

“Yonke lento ikhandiwe futhi umuntu owabulala uMeyiwa akekho lapha enkantolo,’’ kusho uMngomezulu.