Sebemenyezelwe abazophatha umcimbi weMetro FM
Uzokwethulwa abasakazi oTebogo ‘Proverb’ Thekisho noLuthando ‘Lootlove’ Shosha umcimbi wezindondo zeMetro FM kulokhu.
Lo mcimbi, iMetro FM Music Awards, uzoba ngomhla ka-27 27 kuNdasa eMbombela Stadium, eMpumalanga.
Bobabili laba banamava ekwethulweni kwezinhlelo kumabonakude. UProverb uke wethula uhlelo i-Idols kwiMzansi Magic.
ULootlove yena uke waba ngumethuli wohlelo lomculo kwiSABC 1 iLIve isikhathi eside nje impela.
Ephawula ngokuqokwa kwakhe ukuphatha uhlelo kulo mcimbi ongomunye wephambili kuleli, uProverb uthe uzizwa ebalulekile.
“Ngizizwa ngihloniphekile ngokunikwa ithuba lokuphatha umcimbi we-MMA24,” ucashunwe esho kanje ku-Umkhaya..
“Umculo waseNingizimu Afrika usuvuthwe ngokwanele, nendaba exoxwa ngawo iyakhula lokhu ukubona ngabo abaculi abaqokwe kulo mcimbi.”
Lo msakazi wenza uhlelo lwasemini lwansukuzonke, iMidday Link ngokubambisana noLerato Kganyago kwiMetro FM.
ULootlove yena wenza uhlelo lwantambama i-Touchdown ngokubambisana no Thabo ‘Tbo Touch’ Molefe.
“Ngithobeke kakhulu ngokuthenjwa ukuthi ngiphathe uhlelo lomcimbi omkhulu kangaka okokuqala ngqa empilweni yami.
“Lokhu kusho ukukhula kimina ngokomsebenzi,” sicashunwe sisho kanje lesi siphalaphala sentokazi edabuka e-Eastern Cape.
OLUNYE UDABA: Usebizwa indlondlo yoFusegi, ungubani vele uZimiphi
“Ngikubheke ngabomvu ukujabulisa abantu nokushiya izinkumbulo abangasoze bazikhohlwe ngokubambisana noProverb. Sizobambisana ukwenza umlingo.”