EzintshaOsaziwayo

Okusha ngokuthinteka kowakwaGcaba ekubulaweni kuka-AKA

Amaphoyisa aphenya ngokubulawa komrepha uKiernan Forbes, odume ngelika-AKA, ngeke ambophe usomabhizinisi waKwaZulu-Natal, uMfundo Gcaba.

Athi awanabo ubufakazi obubambekayo obumatanisa lo somabhizinisi nokubulawa kuka-AKA. 

Lokhu kuvele embikweni weSunday World, ocaphune omunye wabaphenyi baleli cala ocele lingavezwa igama lakhe. 

U-AKA nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane badutshulwa bengaphandle kwendawo yokudla iWish eThekwini ngonyaka odlule. 

Kuboshwe abasolwa abaningana okubalwa kubo uMuziwethemba Gwabeni, babekwa amacala okubulala.

UGwabeni, oyisikhulu sasematekisini, kuthiwa wathola u-R800 000 wokukhokhela ababulali abenza umsebenzi wokubulala lo mrepha. 

Ophenyweni lwawo, amaphoyisa athi athole ukuthi nguGcaba owakhokha isamba esikhulu ku-akhawunti kaGwabeni. 

UGwabeni ube esekhokhela abasolwa imali engaphezu kuka-R133 000 umuntu ngamunye ngokugila lo mkhuba.

Iphoyisa elinolwazi ngemininingwane yecala lokubulalwa kukaForbes, lithe waba lula ukuhlanganisa abasolwa abayisikhombisa naleli cala lokubulala ngoba bake basebenza ngokubambisana futhi babexhumana nangezingcingo.

Futhi, kusho iphoyisa, laba basolwa banamanye amacala abasawaqula abawenza bebambisene.

Iphoyisa lithe okwamanje ngeke likwazi ukuhlanganisa uGcaba namacala okubulala.

“Imali nezingcingo ezimbili eziphakathi kwakhe (uGcaba) noGwabeni akwanele ukuthi aboshwe noma alandwe ukuze aphenywe.

“Amaphoyisa afuna ukuthola inhloso nokuthi uGwabeni ubekwenza ngokwemiyalelo kabani. 

“Sikholwa wukuthi bakhona abantu abanamandla abathintekayo lapha,” kusho umthombo wamaphoyisa ongathandanga ukudalulwa.

Okhulumela iNational Prosecuting Authority KwaZulu-Natal, uNatasha Ramkisson-Kara, utshele iSunday World ukuthi kungani uGcaba engazange abe nabanye abasolwa. 

Igama likaGcaba lavela ebufakazi obathulelwa inkantolo. 

“Udaba lusaphenywa, futhi asinayo imvue yokuphawula ngalo,” kusho uRamkisson-Kara. 

UGcaba, oyilungu lomndeni wakwaGcaba odume ngemboni yamatekini KwaZulu-Natal, wakhipha isitatimende eziqhelelanisa nalesi sehlakalo.

Lesi sitatimende saveza ukuthi uzosebenzisana namaphoyisa uma emdinga ngoba yena akahlangene nanoma yibuphi ubugebengu.