Usebizwa indlondlo yoFusegi, ungubani vele uZimiphi
UZimiphi Happiness Biyela wazalelwa esigodini saseNdabazensangu, Obuka eMpangeni.
Wazalwa mhla zingu-24 kuNhlolanja ka-1983, kanti udume ngelikaZim-Dollar, kanti muva nje usaziwa ngeleNdlondlo yoFusegi.
Lokhu kulandela isigameko sakamuva la ephuce khona umculi kaMaskandi, uMthandeni Manqele umbhobho emcimbini weMother of All Maskandi Festivals.
Lesi sigameko sigcwale izwe lonke, abanye bemsola, abanye bemncoma isibindi ngalesi senzo sakhe.
Kodwa ngabe ubani yena lo zimiphi, futhi ngabe uqhamukaphi. Lapha sibheka umlando wakhe kafushane.
Le ntokazi inamathalente amaningi kodwa yaziwa kakhulu ngokusakaza nokwethula imicimbi ehlukene ikakhulukazi ekaMaskandi.
Ingumlingisi, umethuli wezinhlelo zikamabonakude, umculi, u-MC, nomsakazi.
Njengomlingisi, useke wabonakala kule midlalo, Uzalo, iDurban Gen ne-eHostela.
Uqale ukuzibonakalisa njengomdansi ngaphansi kweMbongeni Ngema Committed Artists.
Ngaleso sikhathi, wayesebenza futhi njengomculi nomlingisi kuyo lenkampani.
Waqhubeka esebenza enkampanini iminyaka emithathu. Wabe esehsiya eyoba nguthisha oHlelweni Combined School eNkandla.
Wakhipha icwecwe lakhe lokuqala le-Afro-pop elithi “Kwaze Kwamnandi” ngo-2009.
Kuthe ngo-2010, wathatha umsebenzi wokuba ngumfundi wezindaba kwi-Icora FM esaqhubeka nokuba nguthisa. Ngo-2011, uthole ithuba lokujoyina umsakaze Ukhozi FM.
Ngo-2014, waqala ukulingisa kumabonakude emdlalweni owuchungechunge Uzalo kokhonjiswa kwiSABC 1.
Kulo mdlalo udlale indawo kaSamukelisiwe “Keke” Nzuza. Indawo yakhe yaduma kakhulu kubalandeli balo mdlalo.
Waze waqokelwa indondo yomlingisikazi ophambili kumaSabela Mabhunu Awards ngo-2016.
Ezinhlelweni aseke wazishayela Okhozini singabala Ikhethelo loKhozi, Sibhukuda Kwesimanzonzo, Kwasa Okungaliyo, Ezamabandla noSigiya Ngengoma.
Ngo-2020, ujoyine abalingisi bomdlalo wezempilo kwi-e.tv. iDurban Gen, wadlala indawo “Matron Nkabinde”.
BUKA: Bafanisa ingane yomlingisi noThabo Bester
Njengamanje ushayela uhlelo lwasemini kuKhozi FM, iDankie 12-to-3. Ngaphandle kokulingisa nomculo, ungusomabhizinisi embonini yamatekisi.