Basola itshede yosopolitiki kuboshwa oweSizok’thola
Isiteshi sikamabonakude, iMoja Love sesikhiphe isitatimende kulandela ukuboshwa komethuli omusha wohlelo oluhlambalaza abadayisa izidakamizwa, iSizok’thola.
Lolu hlelo selukwisizini yesithathu kanti lushintshe umethuli kulandela ukuxoshwa kukaXolani Khumalo.
Endaweni yakhe kungene uXolani Maphanga odume ngelika-X obenza i-X Repo kuso lesi siteshi.
Nokho naye usegaxele engalweni yomthetho njengoba avulelwa owesifazane icala lokushaya ngenhloso yokulimaza ngesikhathi kushuthwa esinye seziqembu zalolu hlelo.
Esitatimendeni, iMoja Love ithe uMaphanga uziphikile lezi zinsolo zokushaya, wabe eseyozinikela emaphoyiseni njengoba abecele enze kanjalo.
Kodwa uthe uma esefika esiteshini samaphoyisa saseSoshanguve lapho ezinikele khona yena nabaqaphi ababekwe icala nabo, bafica icala selijikiwe sekungelokuzama ukubulala.
“Amaphoyisa abe nomhlangano nezikhulu zesiteshi iMoja Love la eveze khona ukuthi kunosopolitiki owafakela ingcindezi ngaleli cala elivulwe owesifazane osolwa ngokudayisa izidakamizwa.
“Usolwa uXolani nabaqaphi bakhe ngokumshaya. Lesi siteshi sikhathazekile ngokuthi kunosopolitiki abangenelela emsebenzini wamaphoyisa.
“Ithimba ebeliqopha isiqephu labadama iphoyisa ligwazisa abadayisa izidakamizwa futhi sinabo ubufakazi obuqoshiwe balokhu.
“Sizobudlulisela ophikweni oluphenya amacala enziwa amaphoyisa i-Independent Police Investigation Direcotrate (IPID).”
Lesi sitatimende siphinde saveza ukuthi uma kuvela ubufakazi bokuthi nebala uMaphanga noma omunye wabasebenzi baso balenza leli cala abasolwa ngalo, bayobe sebethathelwa izinyathelo.
OLUNYE UDABA: Ucelelwa usizo umlingisi osenguPhuya waseMshwathi
“Njengesiteshi, sizoqhubeka nokulwa nokusabalaliswa kwezidakamizwa eNingizimu Afrika ngaphandle kokwesaba nokwenzelela.”