Usephumile ‘koJezebel’ nasekudlaleni uProfessor
Umculi wodumo lweKwaito, uProfessor, ogama lakhe langempela uMkhonzeni Langa, usewale impilo entsha.
Useable washadelwa ngelanga abegubha ngalo ukuhlanganisa iminyaka engu-45 edla anhlamvana.
Ngokwemibiko, uProfessor nomkakhe manje sebethandane iminyaka emihlanu ngaphambi kokuthi bathathe isinqumo sokubopha ifindo likasofasilahlane.
Isinqumo sokugcina umshado wakhe ungaziwa uthe yingenxa yokuthi umkakhe umuntu ophansi nongafuni ukwaziwa.
Kuvela ukuthi okwamanje abakabi nabo abantwana ndawonye.
Lo mcimbi womshado okuhlanganisa nowesintu, umembeso ubusendaweni yangakhabo kamakoti eBamshela, eNdwedwe, enyakatho yeTheku.
Bekukhoona amalungu omndeni nabangani bakhe. Phakathi kwezihambeli bekukhona izingwazi ezifana nosomabhizinisi, umlingisi, nomculi uPastor Mjosty, behambisana nabanye abaziwayo nezihlobo abamukelwe ngezandla ezifudumele.
Uvele ke kodwa uProfessor uyaziwa ngokuthanda ukugcina impilo yakhe kwezothando iyimfihlo.
Yize edumile kodwa akakaze abe sebudlelwaneni nentokazi engusaziwayo futhi ugculisekile ngomkakhe okuthiwa usebenza njengomhlengikazi.
Ngaphandle kwezingoma zakhe ezashisa izikhotha njengethi “Ijimaphi” nethi “Jezebel,” uProfessor usaqhubeka nokuthuthuka endimeni yomculo.
OLUNYE UDABA: Kunconywa iJozi FM ngoPenny Ntuli, iGagasi lisha nesobho
Nokho ukhethe ukungaphawuli kakhulu ngomshado wakhe wakamuva ngalesi okwamanje.