Izinsolo ezingezihle ngoPenny Ntuli kwiJozi FM
Kubukeka sengathi uPenny Ntuli usaqhubeka nokubhekana nezinselelo emsebenzini wakhe wokusakaza njengoba sekuvela imibiko yokungagculiseki kozakwabo abasha.
Sekunemibiko ethi abanye abasebenzi beJozi FM asanda kuqala kuyo umsebenzi wokusakaza abanelisekile ngabakubona kuwukuthandwa ngokweqile kwakhe kulo msakazo.
UPenny ube sematheni kulandela ukudalula ukuthi iGagasi FM ulishiye ngoba lingavumanga ukumenyusela umholo njengoba babefuna aqhubeke no-R2 800 ngenyanga, wanqaba.
Esanda kushiya iGagasi FM, umemezele ithuba elisha lomsebenzi eGoli, okuthe ngokuhamba kwesikhathi wathushuka kwiJozi FM.
Ube eselandelwa yiqulu labalandeli abebemeseka izinkundla zokuxhumana zeJozi FM zanyukelwa yizibalo zabalandeli ngendlela emangalisayo.
Kodw amanje iZiMoja, ibika ukuthi seyithole ukuthi kukhona ukungenami ngaphakathi kulo msakazo ngokuphathiswa okweqanda kukaPenny.
Kuthiwa isikhulu esiphezulu seJozi FM, uMpho Mhlongo, nguyena omhambisa ngemoto yakhe uma eya noma ebuya emsebenzini.
Kuvela nokuthi uyamlinda enze uhlelo lwakhe aze aqede bese emkhiphela ezindaweni ezahlukene zokudla nasezindaweni ezihambela izivakashi.
Eziphendulela uMhlongo ukuvumile ukuthi uPenny uhlinzekwa ngezinto zokuhamba ngabashayeli balesi siteshi ngenxa yokuthi akayazi iSoweto okuyilapho kuzinze khona lesi siteshi.
OLUNYE UDABA: Usephumile ‘koJezebel’ nasekudlaleni uProfessor
Nokho, ukuphikile lokho athi nguyena oshayelayo. Ngaphezu kwalokho, omunye umthombo uveze ukukhathazeka mayelana nezenzo zabaphathi, uphakamisa ukuthi ukuphathwa okunjalo kubeka isibonelo esingesihle.