EzintshaInkolo

Udle phansi umfundisi bela omahosha

Selungenelelwe uphiko oluphenya amacala akhethekile, oKlebe udaba lomfundisi ohlushwa abesifazane ababili abamfuna imali ngenkani. 

Kubikwa ukuthi laba besifazane sebevele badle imali emgaphezu kuka-R200 000 yalo mfundisi, baphinde bamthengisa namafoni adulayo. 

Ngokubika kweSunday World, izinkinga zalo mfundisi zaqala mhla eya kulezi zintokazi ezisebenza njengamayengandoda. 

Naye ke wayezixinelwe yinxano locansi, wabona bezomsiza ukwehlisa le ndlala ayeyizwa kanti akabuzanga elangeni. 

Ngemuva kokuzitika ngocansi nalaba besifazane ababili, wazithola esesogibeni lokuthi bamsabise ngokuvezela izwe ubuze bakhe uma engakwenzi abakufuna kuye. 

ISunday World ibika ukuthi abammeli balo mfundisi, eligodliwe igama lakhe ngenxa yezimo zomthetho nobucayi bodaba lwakhe, baphumele obala bachaza okwenzeka.

Lokhu bekulandela ukuthi lo mfundisi ethunyelelwe imibuzo ngalolu daba yileli phephandaba. 

“Isinqumo sakhe sokungaphenduli ngalezi zinsolo enimbuze ngazo akusho ukuthi uyazivuma,” kuphendula abammeli. 

“Ilungelo lakhe lokuziphendulela, uma kwenzeka kuba nesidingo salokho, liyaligodla okwamanje. 

“Siyakuphika ukuthi wasebenzisa usizo lwamayengandoda ehhotela thizeni e-Eastern Cape ngesikhathi kunenkomfa kaBishop Luvuyo Matiwane. 

“Ngaphezu kwalokho, usezinhlelweni zokuthatha izindlela zomthetho ngalezi zinsolo ezimbi ezibhekiswe kuye.” 

Baqhube bathi lezi zinsolo zokuthi wakhokhela amayengandoda ukuthi azijabulise ngawo yitulo nje elakhelwe ukumphoqa ukuba akhokhe. 

“Usithselile ngalezi zinsolo wathi zibhekiswe ekutheni akhishiswe imali, futhi usiyalele ukuthi sisebenzise umthetho ukubhekana nalesi simo. 

“Ukubona lokhu kuyindlela yokungcolisa igama lakhe ngokumpenda njengomuntu obuye enze izinto eziphambene nokholo, okukhona kuzo ukusebenzisana nabadayisa umzimba.” 

Ngokolwazi olucoshwe yiSunday World ophenyweni lwayo, lo mfundisi wabhukha omahosha ababili ukuba bazozithokozisa ehhotela e-East London.

Nokho ubusuku benjabulo basheshe baphela ngesikhathi sebefuna ukukhokhelwa imali ecela ku-R200 000 nokuthengelwa amafoni abiza nge-iPhone.

Babe sebesabisa ngokuvezela izwe amahlazo akhe uma engavumi ukwenza abakucelayo. 

Lo mfundisi wenqaba, kunalokho wafonela uMatiwane nomunye umfundisi owaziwa kuphela ngoMbaga, ukuba beze bezomlamulela.

Wabe esenqamula uhambo lwakhe lwakuleli, wabuyela kwelakubo ngokushesha ezama ukubalekela leli hlazo. 

UMatiwane ucashunwe evuma ukuthi lo mfundisi wafika kuleli, kodwa washeshe wahamba ngoba esevelelwe yisifo ekhaya. 

“Asinalo ulwazi lwalezi zinsolo okhuluma ngazo, uma lokho kwenzeka, akwenzekanga ngesikhathi senkomfa yebandla lethu,” kusho uMatiwane.