EzemisakazoEzintsha

Usevuke ngomsebenzi omusha eGoli uPenny Ntuli

Usememezele ukuthi kukhona okungathi kuyamlungela eGoli uPenny Ntuli obesematheni ngemuva kokulaxaza iGagasi FM ngesonto elidlule.

Le ntokazi ebisakaza kulesi siteshi kule minyaka emibili edlule, idalulele umphakathi ukuthi iyashiya kuso.

Ibe seyiveza isizathu ukuthi kube wukungezwani nabaphathi ngokwenyuselwa imali njengoba bebesafuna aqhubeke nale abeyihola kule minyaka yakhe emibili yokuqala.

Okuthuse abaningi ngayo wukuthi ubehola u-R2 800 ngenyanga njengoba ebenohlelo olukhokha kancane futhi alwenza kanye ngesonto. 

Abaningi bazwelane naye futhi bafunga ukuthi iGagasi ngeke besalilalela ngoba kanti lidlala ngezingane zabantu. 

Nokho ngoMsombuluko uPenny Ntuli useveze ukuthi kukhona okuvelayo ngale kwaNdongaz’yaduma. 

“Bomzala kukhona ithuba eselivelile ngaleGoli…,” kubhala yena ezinkundleni zokuxhumana.

“Ngisayozama futhi kwezokusakaza. Umphathi wami omusha usengibhukhele indiza wathi, ‘woza MaNtuli uma usufikile konke okunye ngizokulungisa’.”

Akacacisanga ke nokho ukuthi ngabe esokusakaza emsakazweni noma kumabonakude.

Ziningi ke iziteshi zemisakazo eziholela kangcono eGoli kanti namathuba kumabonakude mahle.