EzintshaUmculo

Ungena ebhizinisi lokudla uNomfundo Moh

Kusukela ekuthengeni indlu yakhe yokuqala nemoto eneminyaka engu-23 futhi waphothula iziqu zezenhlalakahle, umculi nombhali wamaculo uNomfundo Moh Ngcobo wengeza enye impumelelo. 

Uzovula ibhizinisi lakhe lokuqala lokudla iLa Mar eSpruitview, eGoli maduze nje.

UNomfundo – oseneminyaka engu24 – wenze lesi simemezelo ezinsukwini nje esanda kukhipha ingoma yakhe ethi, Umusa apike kuyo uMsaki noCassper Nyovest. 

Lo mculi uthi ujabule ngokudala amathuba omsebenzi ngebhizinisi lakhe elisha. “Namhlanje sivule amathuba omsebenzi kubafowethu nodadewethu,” usho kanje. “Maduze sivula indawo yokudlela yethu yokuqala, i-La Mar Restaurant e-Spruitview. 

“Udumo maluye kuNkulunkulu.” Ungena ebhizinisini lokudla nosaziwayo abafana noDJ Oskido, J Something, Siba Mtongana, DJ Shimza, Benny Maverick, noNicky van der Walt. 

Kuningi asekuzuzile engakayihlanganisi iminyaka engu-25 kanti uthi umndeni wakhe ube nesandla ekuziphatheni kwakhe. 

“Nginomndeni wami ongeseka kuzo zonke izinqumo zami. Iminyaka yokugcina yemfundo beyinzima ngoba bese ngiqala ukuphumelela emculweni. 

Ngakhipha iPhakade Lam kwadingeka ngenze ngiyothola ulwazi lomsebenzi ebengiwufundela ngaso leso sikhathi,” kusho yena kwabeZiMoja.