Kuqhwakele uSminofu noMenzi kwiKhuphuka Nezakho
SAKHILE KHAWULA
Kuyacaca ukuthi isiyobanjwa esithele nayo njengoba zisadlana imilala ngamavoti kubaculi bakaMaskandi abafuna ukungena kwiKhuphuka Nezakho Sibon’inkunzi Music Festival.
Lo mcimbi waminyaka yonke uzoba seCurries Fountain ngomhla ka-20 kuNhlaba ka-2024.
NgoLwesithathi ntambama, uNgelo V, ongumhleli walo mcimbi umemezele iTop 6 neTop3 yabaculi abagabavula phambili ngevoti.
Lo mcimbi unamaqoqo amabili, okuyi Top 6 neTop 3. Iqoqo lokuqala iTop 6 libophele uSminofu, Inkosi yamaGcokama (uScebi), uDumakahle, uGatsheni, uBahubhe noNjoko.
Umculi ozonqoba kuleli qoqo uzokhala emuke nesamba sika-R100 000. USminofu nguyena osahamba phambili ngamavoti kuleli qoqo.
Eqoqweni lesibili, iTop 3, khona kuboshelwe uMenzi, uLimit noLuve Dubazane.
Umculi ozobashaya amakhanda ngamavoti kuleli qoqo uzohlomula u-R50 000. UMenzi osaqhwakele ngamavoti kuleli qoqo.
Abaculi banxusa abantu ukuba baqhubeke bathenge amathikithi alo mcimbi.
“Ngicela abantu baphuthume ezitolo bacele ithikithi elibhalwe uBahubhe ukuze ngiwine kulo mncintiswano,” kubhala uBahubhe ekhasini lakhe likaFacebook.
“Asambeni bafana bakithi iyashokha manje lento. Ngicela siqine isandla bafwethu sekuzokhanya,” kubhala uSminofu ekhasini lakhe likaFacebook.
Ukuvota, uthenga ithikithi elibhalwe umculi othanda ukumvotela.
OLUNYE UDABA: UMbali Ngiba uxabane nonogada waxoshwa kuMkhokha
Amathikithi ayatholakala eComputicket, Checkers, naseShoprite. Amathikithi abiza u-R200, bese kuthi awezicukuthwane aqale ku-R650 kuya ku-R900.