EzintshaIsintuOsaziwayo

‘Lavela’ ngo-R180 liqala ukulobola iHhashi Elimphophe

Ingqalabutho kaMaskandi, uBheki ‘iHhashi Elimhlophe’ Ngcobo, yafika iphethe u-R180 nje kuphela mhla iyovela okokuqala ejweni layo ngenhloso yokulobola lowo osengumkalo namanje, u-Ebony Ngcobo. 

Lezi zindaba zivezwe nguye u-Ebony Ngcobo engxoxweni nomsakazo Ukhozi FM ohlelweni lukaZanele Mbokazi ngeSonto ekuseni. 

“Abazali bami babelungile kakhulu,” kusho u-Ebony Ngcobo ngokucashunwa yi-umkhaya.co.za. 

Uthi ukuze kunciphe izindleko, bavuma ukuthi kusuke bona KwaZulu-Natal, basondelele eGoli ukunciphisela umkhenywana wabo izindleko. 

“Bathi abangidayisi ngakho kuzomele benyuke beye komunye umuzi esasihlobene nawo eGoli ngoba benzela ukuthi owayezoba umyeni wami angangeni ezindlekweni ezinkulu.”

Uphinde waveza nokuthi sebaba ngabasindisiweyo njengoba bafikelwa wumbono wokuba bagcine bevule elabo ibandla. 

Ibandla labo libizwa ngeGod’s Power Ministries lapho umama u-Ebony kunguye owenza umsebenzi wobufundisi.

Ube eseveza nemfihl eyenza ukuthi uthando lwabo lungaphelelwa wumdlandla njengoba sebeneminyakanyaka nje bashada. 

Ngokusho kuka-Ebony, into egcina uthando lwabo luvutha bhe wukuthi bayahloniphana futhi basabizana ngamagama amnandi avamise kwizithandani ezintsha afana no‘babe’, ‘love’ no‘sweet’.

Kunemibungazo abayihlelayo yokubungaza iminyaka engu-45 iHhashi Elimhlophe lisendimeni yomculo.

Lo mcimbi bathi uzoba seGoli ngo mhla ka-7 no-8 kuNdasa. Lomndeni wakwaNgcobo uke waba nohlelo kumabonakude obeluveza impilo yawo emphakathini obeludlala kuMzansi Magic lubizwa ngokuthi ‘Ofuze’.