USibonelo ushiye isililo esikhulu ebulawa kuZalo
UWiseman Mncube, ongumlingisi osewine inwqaba yezindondo, usematheni kulandela ukushiya umdlalo owuchungechunge lomdlalo obukwa ukwedlula yonke eminye, Uzalo.
Le nsizwa izakhele inqwaba yabalandeli kulo mdlalo ngokulingisa idnawo kaSbonelo.
Indlela ayidlale ngayo le ndaba imenze waba ngomunye wabalingisi abafunwa ngapha nangapha kuleli.
Ngonyaka odlule uWiseman Mncube ube ngundabuzekwayo ngesikhathi kuveka okokuqala ukuthi uzoshiya kuZalo.
Umfo kaMncube ube esephenduka undabuzekwayo futhi kuleli sonto ngemuva kwesiqephu sakhe sokugcina kuZalo esishiye abalandeli bekhala.
Ukuphuma kwakhe kube wukuthi ashone ngendlela esabisayo elengiswa uNjinji.
Lesi siqephu kufanele ukuthi sibandisile abalandeli balo mdlalo namanje besakhombisa uthando lukaWiseman Mncube.
Iziqeshana zokushiya kwakhe sezisabalele ezinkundleni zokuxhumana.
Naye uze wagcina ephoqeleka ukuthi angene khona ezinkundleni zokuxumana avalelise.
Ubhale wathi: “RIP Qhawe. Kube wuhambo olude, oluhle. Ngiyabonga kakhulu ngothando nokwesekwa enikunike uSbonelo Babongile Mhlongo.
“Angisoze ngalukhohlwa lolu hambo olwashintsha impilo yami.
OLUNYE UDABA: Bacikwe ‘amaxoki’ afuna ukuhlonipha uMbongeni Ngema
“Nginifisela inhlanhla amasosha asele… qhubeka nenduku maQhawe. One love, one Blood forever, UZAAAAAAAAAALO!!!! NGYABONGA,”