EzintshaImicimbiUMaskandi

UKhuzani komunye umlando enandisa ekhonsathini yeSoul

Kuthi akandize umculi laMaskandi, uKhuzani Mpungose njengoba ezohlanganyela esteji nomculi weSoul wase-US, uJeffrey Osborne.

Kuvela ukuthi uKhuzani uzovula inkundla kwikhonsathi kaJefrrey Osborne ethi: You Should Be Mine South African Tour.

Le khonstahi izoba ngoNdasa kanti Indlamlenze yilona elizofudumeza inkundla benoVusi Nova, Brian Temba, DJ Msizi Shembe (Metro FM), Collen Zondo (Gagasi 99.5 FM), Mzokoloko (Vuma FM), Ntando, Linda Gcwensa, Zakwe, Duncan, Mazola , Kenny K, noNhlanhlo.

Lo mculi kamaskandi osewine izindondo eziningi uzobhekelela abathandi bomculo wesintu ePietermaritzburg Athletic Stadium ngomhla ka-23 kuNdasa.

“Kuyinto enkulu kimina ukukhethwa nabanye abaculi bakamaskandi ukuthi bangene kulolu hlu olukhulu kangaka,” kusho uKhuzani.

“Kuyakhombisa ukuthi abantu bayawuthakasela umsebenzi wami yize kwezinye izindawo lo mculo usabukelwa phansi ngoba sicula ngolimi lwethu lomdabu.

“Ngizoqinisekisa ukuthi angiphoxi ukuze ngishiye uphawu olungacimeki kwabanye abagqugquzeli bomculo abaletha izihlabani zaphesheya ezinjengoJeffrey Osborne…” 

U-Osborne, owayeyilungu leL.T.D., uza eNingizimu Afrika okokuqala. Uthe uselubheke ngabomvu lolu hambo.

“Ngijabule kakhulu ngokuza okokuqala eNingizimu Afrika. Bekulokhu kuyisifiso sami ukuvakashela leli zwe, elinomlando omuhle kangaka. 

“Ngesikhathi nginikezwa ithuba, ibingekho indlela yokuthi nginqabe,” kusho u-Osborne.

“Ngibheke ngabomvu ukuhlangana nabalandeli bami baseNingizimu Afrika futhi ngilibone leli zwe elihle kakhulu eliphethe. 

“Ngifuna abalandeli bami babe nesikhathi abangasoze basilibale. Ngibathembisa injabulo.”

Lo mdidiyeli we-R&B waqala umsebenzi wakhe wokucula okhokhelwayo ngo-1969 kwi-L.T.D..

Wafika ezodlala ama-drums kodwa wagcina esengumculi ophambili. Ngemuva kweminyaka engaphezu kwengu-10 neqembu, u-Osborne uthathe isinqumo sokuphuma inxiwa lakhe. 

Usekhiphe izingoma ezishisa izikhotha ezifana nethi You Should Be Mine, Don’t You Get So Mad, Stay With Me Tonight, nayishaya noDionne Warwick, iLove Power

Ngaphambi kokubhekisa amabombo eThekwini, u-Osborne uhlelelwe ukuthi abe seGrand Arena eKapa ngomhla ka-20 kuNdasa.

Abalandeli bakhe baseGauteng bazombona eSunBet Arena ngomhla ka-28 kuNdasa. 

U-Osborne uzophetha uhambo lwakhe e-Emperor’s Palace Ekurhuleni ngomhla ka-29 kuNdasa.