U-Enhle Mbali waqala ku-AKA ngaphambi kukaBlack Coffee
Kusuke umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuthi uTony Forbes, onguyise ka-AKA, ededele ibhomu engxoxweni kwiWithin With Hazel.
UForbes uveze ukuthi intombi ka-AKA yokuqala kwakungu-Enhle Mbali Mloshwa, obengumfazi kaDJ Black Coffee.
Leli bhomu livuthise izinkundla zokuxhhumana, abanye bakhumbula ukuthi nebala u-AKA, ongasekho, wake wajola no-Enhle Mbali.
Lokhu kwakungaphambi kokuthi azwane noBlack Coffee abeshade naye kodwa babuye bahlukanisa.
Okunye okukhunjulwe abantu wukuthi uBlack Coffee ubenokuba nolaka uma kukhona u-AKA eduze kwakhe.
Angithi uyakhumbula nje ededela ulabhabha wempama kuTshiamo Letshwene, owayeyimenenja ka-AKA.
Imibiko yangaleso sikhathi yaveza ukuthi ingxabano yenzeka ngesikhathi ithimba lika-AKA lifika sekudlule isikhathi laphazamisa uBlack Coffee edlala. Lesi sigameko sasusa umsindo sabhebhethekisa nokuqagela mayelana nokungezwani phakathi kwalaba baculi.
FUNDA NALA: Usekhulile uPam Andrews owayekhindela ukunakwa
Lezi zindaba ezivezwe uForbes zenze kwacaca ukuthi into eyayibangwa yilezi zinsizwa nguye u-Enhle Mbali.