Kuhoxiswe imicimbi kulimala umculi engozini yemoto
Usephumile esibhedlela umculi ophinde abe nguphrojusa, uMabi Ntuli, odume ngelikaMobi Dixon olimale kanzima engozini yemoto
Esitatimendeni esikhishwe yinkampani asebenzisana nayo nesishicilelwe ezinkundleni zokuxhumana, uMobi Dixon, oneminyaka engu-39 usephumile esibhedlela.
“Sifisa ukubonga ethimbeni lodokotela ngomsebenzi wabo. Sibonga nomndeni nabangani abamsingathile kulesi sikhathi esinzima.
“Sicela ukuba anikezwe ithuba lokuba yedwa nokubekezelelwa emithonjeni yezindaba nakubalandeli ngalesi sikhathi.
“Sizolokhu sibazisa ngokuqhubekayo uma sekufike isikhathi esifanele.
“Yonke imicimbi kaMobi Dixon ihoxisiwe futhi sisazozimemezela izinsuku ezintsha.
“Siyabonga ngokuqonda nokuzwelana nathi,” kuphetha lesi sitatimende.
Ebhala kwi-Intsagram yakhe, uMobi Dixon ubonge ukwesekwa akutholile ngalesi sikhathi esesibhedlela.
“Ngiyabonga ngezilokotho ezinhle, imikhuleko, uthando nokungeseka nonke eningibonise kona.
“Ngibonga uNkulunkulu ngokusindisa impilo yami. Inhloso yami isazofezeka ngokugcwele.
“Ungalokothi uwathathe kancane amandla omthandazo,” kubhala le nsizwa.
Ukulimala kukaMobi Dixon kwenzeka kungakapheli sikhathi esingakanani omunye umculi wakuleli, uMbongeni Ngema ephalalele khona emigwaqeni yase-Eastern Cape.
OLUNYE UDABA: Kuyabhimba esithenjini sikaMusa Mseleku, udikilile uMaYeni
UNgema, obedume ngelikaMadlokovu futhi ongomunye wezingqalabutho zakuleli, ushone ngoZibandlela odlule.