EzintshaImicimbi

Ubonakale okokuqala ngemuva kwengozi uBlack Coffee

UBlack Coffee ubonakale okokuqala emphakathini kusukela aba sengozini yendiza emasontweni ambalwa edlule.

Lo DJ odume umhlaba wonke ubengomunye wemimenywa ebezithamele inkulumo kamengameli ebhekiswe esizweni eKapa ngoLwesine ebusuku. 

Amavidiyo nezithombe zikaBlack Coffee ethamele le nkulumo kugcine sekusabalele ezinkundleni zokuxhumana.

UBlack Coffee walimala kanzima engozini yebhanoyi ngoJanuwari nonyaka ephuma eFlorianopolis, eBrazil, elibangise e-Argentina.

Isitatimende esakhishwe yithimba lakhe ngemuva kwengozi saveza ukuthi ushayeke kanzima emzimbeni.

“Kube nezinkinga ebezingalindelekile futhi kwamshiya enokulimala okuthile,” sasifundeka kanje lesi sitatimende. 

Ezinsukwini ezimbalwa ukusuka lapho, uBlack Coffee wamemezela ezinkundleni zokuxhumana ukuthi usebuyele ekhaya futhi uphephile.

Abanye osaziwayo baseMzansi abebehambele le nkulumo kubalwa umethuli wezinhlelo kumabonakude uPenny Lebyane.

UPenny uthe ingubo yakhe abeyigqoke kulo mcimbi igqugquzelwe yisizukulwane sabesifazane abayizingqabalutho.

“Imfashini ka-1956 ingaba isitatimende esinamandla; wulimi #IamWinnieMandela #SONA2024 #30YrsOfDemocracy.”