Umfowabo kaSenzo uuthi uyasukelwa uKelly Khumalo
USifiso Meyiwa useveze ukuthi kuzidlalelwa ngonina wengane kamfowabo uKelly Khumalo uma kuthiwa nguyena owahlela ukubulalwa kukaSenzo Meyiwa.
UKelly Khumalo uhlazekile futhi abaningi bavumelana nobufakazi obuvele enkantolo ngesikhathi kuqulwa leli cala ngevili elidlule.
Lezi zinsolo zivele esitatimendeni sabasolwa ababili uMzikawukhulelwa Sibiya noBongani Ntanzi kuleli cala eliqhubekayo eNkantolo eNkulu yasePitoli.
Umphenyi wecala, uBrigadier Bongani Gininda uthe uSibiya noNtanzi basole umculi ophinde abe ngumlingisi uKelly Khumalo ngokubayalela ukuba babulale uMeyiwa.
Kodwa ngesikhathi ekhuluma nabe-eNCA, uSifiso Meyiwa uzichithile lezi zinsolo ngokuthi zingamanga wachaza uGininda njengomuntu ongathembekileo.
USifiso Meyiwa selokhu emile kwelokuthi umuntu owabulala uSenzo wayevele ekhona endlini, akukho muntu owaqhamuka ngaphandle.
Uthe nendlela isimo esasiyiyo ngemuva kwesehlakalo sasingakhombisi ukuthi yinto eyayihleliwe noma eyenziwa ngumuntu onolwazi olunzulu ngokubulala.
USifiso uphinde wagxeka uGininda ngendlela ayephethe ngayo lolu phenyo wamchaza njengomuntu oyingozi.
Uveze ukungabaza ngalokhu kuvuma kwecala kwabasolwa wathi baningi abantu abathenjiswe imali ukuze bavume icala lokubulala.
Uveze ukuthi oyedwa wazama ukuvuma icala phambi kwemantshi eMgungundlovu kodwa wamiswa.
Ngaphezu kwalokho uSifiso uthe umbuso noGininda abafuni ubulungiswa ngokushona komfowabo, kodwa bafuna nje ukuqeda leli cala.
UMeyiwa owayengunozinti weBafana Bafana wadutshulwa wabulawa ngomhlaka-26 kuMfumfu ngo-2014 ngesikhathi evakashele kubo kaKelly eVosloorus.
FUNDA NALA: UGogo Skhotheni uvulele izesheli intuba
Endlini ngaleso sikhathi kwakukhona uKelly Khumalo, udadewabo uZandile, unina uNtombi Khumalo, uLongwe Twala, abangani bakaSenzo uMthokozisi Thwala noTumelo Madlala, indodana kaKelly, uChristian nendodakazi yakhe noSenzo uThingo.