EzintshaOsaziwayo

‘UKelly Khumalo owahlela ukubulawa kukaMeyiwa’

UMuzi Sibiya, ongomunye wabamangalelwa abahlanu ecaleni likaSenzo Meyiwa, kuthiwa wakhomba uKelly Khumalo njengowahlela ukubulawa kwalo nozinti.

Ngokusho kukaBrigadier Bongani Gininda, owethula ubufakazi ecaleni likaSenzo Meyiwa, uSibiya wazisholo yena ukuthi uKelly Khumalo uyena owahlela ukudutshulwa kwesinqandamathe sakhe.

UGininda ugcizelele ukuthi ngokophenyo lwabo ayikho indaba yokuthi kwangena abantu ngenhloso yokuzontshontha.

Uthe, “ngokophenyo ukubulawa kukaMeyiwa kwakuyinto eyenziwa abantu ababekhokheliwe ukwenza lokhu.” 

Kukho konke lokhu kuvela igama likaKelly Khumalo njengobhongoza omkhulu.

Ngesikhathi kudutshulwa uSenzo Meyiwa eVooslorus ngoSepthemba ka-2014, wayethandana noKelly, wodumo lwengoma Itshitshi, neyakamuva ethi Ngathwala Ngaye.

Ngaphandle kwalokho laba bobabili (uKelly noSenzo) banengane esikhulile impela njengamanje.

Ngokobufakazi kwababekhona endlini kwangena abantu bezihlalele, bephuza, babakhomba ngesibhamu befuna amafoni.

UGininda uthe ikhona incwadi ekhomba uKelly Khumalo enkantolo ukuthi ayovela kuleli cala.

Leli cala – eselidonse isikhathi eside liqulwa – liyaqhubeka enkantolo enkulu ePitoli.