EzintshaOsaziwayoUmculo

UChicco ucacisa indida ngobudlelwano bakhe noLamiez

Umculi ohlonishwayo ophinde abe ngiphrojusa, uChicco Sello Twala useveze izindaba ebezingaziwa zokuthi uDJ Lamiez Holworthy yindodakazi yakhe. 

Lo DJ ubesanda kufaka izithombe zakhe enoChicco ezinkundleni zokuxhumana.

Lokhu kuqubule ukuqagela kubalandeli ngobudlelwano babo. 

Lezi zithombe zishuthwe ngesikhathi uLamiez nomyeni wakhe uKhuli Chana begubha ukubhapathizwa kwendodana yabo. 

UChicco Twala, onguphrojusa womculo owaziwayo waseNingizimu Afrika, aphinde abe ngusomabhizinisi usebenzisane nabaculi abaningi abaqavile. 

Ngakolunye uhlangothi, uLamiez usanda kuvela futhi wagqama njengomunye woDJ abathandwa kakhulu kuleli. 

Ngaphandle kwamakhono akhe kulo mkhakha, waziwa njengomethuli wethelevishini nosomfashini oqavile. 

Ungomunye wosaziwayo abanabalandeli abaningi azinkundleni zokuxhumana ezehlukene.

Eqinisekisa lezi zindaba kwabeZiMoja, uChicco uvumile ukuthi ukuthi yindodakazi yakhe. 

“Yebo, uLamiez uyindodakazi yami, kodwa ngeke nginabe ngemininingwane,” usho kanje uChicco.

Ube eseveza ukuthi akayena umuntu othanda ukuqhakambisa izingane zakhe uma ekhuluma esidlangalaleni ngoba ufuna zizisebenzele ngamandla azo.

Nokho kuvele ukuthi into eyenza lobu budlelwano bukLamies noChicco bufihlwe wukuthi unina wale ntokazi, u-Imelda Klow uyena onenkinga.

Kuthiwa babeyizinqandamathe noChicco kodwa bagcina bengazwananga kahle.

U-Imelda nguyena oyimenenja kaLamiez kanti uvele wabhola ngolaka uma ebuzwa ngalolu daba. 

“Uyabona manje usungena ezindabeni zami ezingakudingi. Wothi ngikutshele okuthile, futhi ukubhale…”

Lo mama ube esekhipha inhlamba embi, ebolile nekhombisa ukuthi kukhulu ukucasuka anakho ngalolu daba. Akukho ke okufihliwe okungayokuvela.