EzintshaOsaziwayo

Ungene kwenye ingozi yemoto uSbahle Mpisane 

USbahle Mpisane, owayeyisinqandamathe sika-Itumeleng Khune, uboshelwe ukushayela budedengu ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi.

Kuvele ukuthi lesi sigameko senzeke ngesikhathi uSbahle eshayela eMidrand, eGoli. 

Lo saziwayo wachitha amahora ambalwa esitokisini samaphoyisa ngaphambi kokuba adedelwe ngebheyili. 

Okhulumela amaphoyisa eSaps eGauteng uLieutenant-Colonel Mavela Masondo usiqinisekisile lesi sigameko wathi uzophinde avele enkantolo maduze. 

“Ngizoqinisekisa izinsuku zakhe zokuya enkantolo. Yebo, isigameko senzeke kuMaxwell Drive, eMidrand. 

“Kuboshwe owesifazane, oneminyaka engu-30, wathweswa icala,” kusho uMasondo ekhuluma nabeZiMoja.

USbahle – okhuliswe ngusomabhizinisi uShauwn Mkhize – kumaje akakelulami ngokugcwele kulandela ingozi yemoto eyenzeka ngo-2018.

Walimala kabi kule ngozi eyenzeka emgwaqeni uVictoria Embankment maqondana neWilson’s Wharf eThekwini. 

Imoto yakhe eyiBMW yagqamuke amalangabi ngemuva kwale ngozi. 

Ngemuva kwale ngosi, le ntokazi yaba nenkinga yomqondo, yakhohlwa nokwenzeka yaze yalibala noKhune eyayijola naye ngalesi sikhathi sengozi.