UKhuzani uhlela ukuhoxa koweNgoma yoNyaka
Umculi kaMaskandi uKhuzani “Indlamlenze” Mpungose usenqume ukuhlaba ikhefu ekungeneleni imincintiswano ngemuva komsindo oqubuke ngendondo yengoma yonyaka kuKhozi FM.
Yize kunjalo kodwa uhlela ukugqugquzela abalandeli bakhe ukuthi bavotele abaculi akholwa wukuthi basethubeni elihle kuleyo mincintiswano.
Lesi sinqumo siza ngemuva kokuthi uKhuani ethole isheke lika-R100 000 ku-Amathole Funerals okungabaxhasi balo mncintiswani kuKhozi FM.
Lokhu kudluliselwa kwesheke kuye kwenzeke ngesikhathi sohlelo iWoza Nabangani Bakho ezindlini zomsakazo eThekwini ngoLwesibili.
Lolu hlelo lushayelwa nguTshatha Ngobe noSelbeyonce Mkhize kanti luba phakathi kuka-3 no-6 kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
UKhuzani ubekakwe abalandeli bakhe ababizwa ngeBlue Nation, abebegqoke amabhulukwe nezikibha eziluhlaza.
Ingoma yakhe ethi, Umjolo Lowo, ithole indondo ngenxa yamavoti amaningi. Ithole abalelwa esigidini.
Sekungokwesibili enqoba lo mncintiswano, ingoma yakhe ethi, Ijele, yiyo eyadla umhlanganiso kuKhozi FM ngo-2020.
Edlulisa ukubonga kubalandeli bakhe abaqotho emagatsheni e-KZN, Gauteng, Eastern Cape, Western Cape, ngisho naphesheya kwezilwandle, uKhuzani uncome ukwesekwa.
Ngenxa yesiphithiphithi esisanda kuqubuka kulandela ukuwina kwakhe njengoba ebeqhudelana noMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele, osekuqubule izigigaba, uKhuzani usenqume ukuhoxa.
Evuma lezi zingxabano, uthe, “Kufanele nginikeze abanye ithuba manje futhi mhlawumbe ngeke usaba khona umsindo.
“Ngizonxusa abalandeli bami ukuthi bakhethe noma yimuphi umculi engicabanga ukuthi usethubeni lokuwina.”
Phezu kokuba kunomsindo nezimanga, Indlamlenze ibonge imizamo yabalandeli bayo.
Ingoma kaMthandeni, ethi iParis yona yangena endaweni yesibili oKhozini nokwasusa umsindo.
OLUNYE UDABA: Abaholile namanje abebeqopha iNikiwe
Abanye abalaleli baze basabisa ngokuthi sebezoyeka ukulalela Ukhozi uma lungashintshi le ndlela yokuqoka ingoma ehlukanisa unyaka.