EzintshaUmculo

Ugeqa amagula obengumkaNgizwe Mchunu ngokwehlukana naye

Obengunkosikazi wesithathu kuNgizwenkosi Mchunu, uFolda Mchunu useveze ukuthi usehlukene nale nsizwa ehlezi isematheni. 

UNgizwe usanda kuba sezindabeni njengoba efunge wagomela ukuthi i-EFF ngeke ilubhade eMoses Mabhida Stadium esaphila yena. 

Leli qembu lepolitiki kulindeleke lethule umhlahlandlela walo wokhetho oluzayo kule nkundla eseThekwini.

Nokho uNgizwe Mchunu akahambisani nalokho. Kodwa ngesikhathi ematasa nepolitiki yena, sekuvele ukuthi amanzi asengene endlini ekhaya kwakhe. 

Engxoxweni yakamuva nabePodcast Affirmation, umculi uFolda Grace Mchunu, ongunkosikazi wesithathu kaNgizwe uveze ukuthi sebehlukene. 

Laba bashadikazi bashade ngo-2015 futhi abanazo izingane ndawonye. Lezi zindaba zishaqise abaningi njengoba laba bashadikazi sebeshade iminyaka eyisishiyagalombili futhi bebebonakala bejabule. 

Nokho kubukeka sengathi bekunezingqinamba ezidale ukuthi bahlukane ngonyaka odlule.

Nokubika kweZiMoja le ngxoxo kaFolda nomsakazi uSizwe Blose izophuma ngokusemthethweni ngoLwesihlanu. 

Wakhuluma ngokungagwegwesi ngezinselelo abhekana nazo emshadweni wakhe, okuhlanganisa nokungena kukaNgizwe kwezombusazwe okuveza kabi umndeni wakhe.

Uphinde wakhuluma ngomonakalo odalwe yizinkinga zakhe zomthetho ebudlelwaneni babo.

Ekhuluma neZiMoja, uFolda Mchunu uthe usenesikhathi ejabule njengoba engasashadile nje, wathi usebuyele entweni ayithanda okunakho konke – umculo. 

“Angishadile impela – ngifuna ukugxila kimina, ngisebenze futhi ngidlale indima yami emkhakheni wezobuciko. 

“Ngichithe iminyaka eminingi ngigxile ezintweni ezingalungile ukuze nje ngijabulise abantu. Angiseyona leyo ntombazane,” usho kanje. 

Uthi ukuba ngumuntu ongashadile kumnandi. “Kunokuthula kimina ngoba nginezifiso nemigomo okufanele ngiyifeze. 

“Ngakho, wonke amandla ami manje angangena kulokho,” usho kanje. 

Uqinisekile ukuthi lo nyaka uzoba unyaka omuhle kuye. 

“Ngifuna ukukhipha umculo omnandi kakhulu, ngenze abantu baxhumane nami ngomsebenzi wami. 

“Ngihlela ukuthi ekugcineni ngiphile impilo yami ngendlela ebengizimisele ngayo. 

“Into engigxile kuyo wumsebenzi wami, ukuthula nenjabulo,” usho kanje. 

UFloda uthe sekusele okukancane okumele akufake kwi-albhamu yakhe ezayo.

Kodwa uthembisa ukuthi ingoma yakhe izophuma ngesonto elizayo. 

“Ngizokhipha ingoma eyodwa ngesonto elizayo ebizwa ngokuthi Sarafina,” udalula yena.