EzintshaIthelevishini

Kubuya isiphaphala uBuhle Samuels kwiMuvhango

UBuhle Samuels, owayeshiya ababukeli, ikakhulukazi abesilisa beshaywa wuvalo kwiMuvhango, ungomunye wabalingisi abadala abakhuza ibuya kulo mdlalo owuchungechunge. 

Isizini ka-25 yeMuvhango edlala ku-SABC 2 ibuyisa ubuso obaziwayo kanti uzobubophela nobusha. 

Ngemuva kwekhefu, uBuhle Samuels, odlala indawo kaMatshidiso, ubuyile kulo mdlalo. 

Kwabasha kukhona uTshepo “Howza” Mosese oqale ukubonakala edlala indawo kaManditi, indoda enezimfihlo eziningi kodwa ehlakaniphile.

Le nsizwa ingenza nanoma yini ukuze ithole lokho esuke isikusophile, okwenza lo mdlalo uhlabahlose. 

USydney Ramakuwela naye uzovela ngendlela emangazayo njengoMulalo, inkakha yasebukhosini.

U-Aubrey Mmakola, owaziwa ngendawo yakhe kwiSkeem Saam njengomphenyi ozimele uRamashala, ungomunye wabasha kwiMuvhango la edlala khona indawo kaTshililo Netshitangane.

Kusukela ngoJanuwari 11, uSinete Nemakonde uzoqala ukubonakala kulo mdlalo elingisa indawo kaReneilwe “Rene” Netshitangane. 

UMudi Mudau uzodlala indawo kaNkele Dikeledi Netshitangane, umama kaReneilwe, ongusomabhizinisi wesifazane ovelele waseLimpopo onezifiso zokudla imboni yezokwakha ephethwe amadoda.