EzintshaUMaskandi

UMenzi ulimele emoyeni ngenxa kaMaskandi adume ngawo

Usefisa nokuwushiya umculo uMenzi ongomunye wamaciko kaMaskandi ahamba phambili kulezi zinsuku. 

UMenzi ungomunye wabaculi abathandwa kakhulu ngabantu abasebasha ngenxa yomlayezo osezingomeni zakhe nesigqi sakhe esihlukile.

Nokho Isigqi Sethu sesithole ukuthi izinto ziyambhimbela futhi usanda kuhlukana nemenenja abesebenzisana nayo.

“Bebemlimaza kakhulu ezimalini njengoba kuthiwa inkampani beyibamba u-50% wayo yonke imali ayenzayo,” kusho umthombo we-Isigqi Sethu.

“Bamthengela nemoto kodwa bayibhala ngegama lenkampani nokuthe uma sekubheda ubudlelwano, bayithatha.”

UMenzi ubhale ekhasini lakhe likaFacebook, echaza ngokulimala kwakhe emoyeni ngokuthi imizamo yakhe iphelele eboyeni kuhle kwezithukuthuku zenja.

“Sengifisa ukuwuyeka umculo. Inkinga angisenayo enye indlela yokuphila ngaphandle kwawo lo mculo ongihlukumezayo,” kubhala yena.

“Kule nkinga ngiyamdinga umuntu ongangeluleka. Angenze ngibuyelwe yithemba futhi ngalo mculo ngoba ngiyawuthanda.

“Kodwa into ongenza yona iyamangaza. Ngisebenzile kakhulu ngaze nganethemba lokuthi sengingakwazi ukwenza ikhaya libe ngcono.

“Kodwa kuzange kusaba njalo ngoba nezindlu ebengizakha azikapheli futhi nezimoto ebengibonakala ngazo azisekho.

“Lokho kungenza ngibone ukuthi angikasebenzi. Ngalokho kuye kwazima ukuzithola kwanami ukuthi kanti ngingubani mina.

“Bengazi ukuthi nginemali njengoba ngiqhashwa kodwa ayingisizanga. Angazi noma nami nginephutha yini ekusebenzen kwami.

“Bakwethu lento yokusebenzela ubala ibuhlungu, uzitshele ukuthi usulitholile icebo lempilo kanti usazoqala phansi.

“Ngidinga umuntu ongangiluleka, ngixole… Ngizixolele kwamina, ngikhohlwe ngalento bese ngiqala phansi impilo.”

Ube esecela ukuba abantu baqhubeke nokumeseka, bamlandele ezinkundleni ezihlukene zokuxhumana.