EzintshaIthelevishini

Kusize uyise walamula impi yezelamani zakwaRanaka

Izelamani ezingosaziwayo zakwaRanaka oDineo, Mpumi, noManaka, zingabukeka zingahlukaniseki, kodwa seziphumele obala ngezingqinamba zokungazwani.

Ukungazwani kwabo kwakuhlala obala ohlelweni lomndeni wakwaRanaka, i-The Ranakas obeluvezwa kwiMzansi Magic eminyakeni embalwa edlule. 

“Asikhohlisani. Siyalwa,” kuvuma uMpumi, ekhala ngokuthi lo nyaka ubunyakazise kakhulu ubudlelwano babo njengosisi bandawonye. 

UManaka noMpumi bavuleleke ngesikhathi esinzima la bebengakhulumisani nhlobo ngenxa yengxabano eyaba khona phakathi kwabo. 

UMpumi uveze ukujabula ukuthi sebephinde baxolelana ngaphambi komshado wakhe ozayo ezinsukwini, ujabulela ukuthi odadewabo bazobe bekhona. 

UManaka yena uke waqala waba nokungabaza ngesimemo asithole esithubeni, engazi noma sihlangene nale ngxabano yabo. 

Bekuyisimemo sokubungaza uyise ngesikhathi ehlanganisa iminyaka engu-80 edla anhlamvana, kanti lesi sidlo sasemini sizoba yintuba yokuthi babuyisane. 

“Size saqala saxoxaxoxa ngemuva konyaka wonke singakhulumisani, sibonga ubaba,” kusho uManaka. Bebexoxa nabeZiMoja

Lesi sidlo sasemini sigcine sinezinyembezi zenjabulo njengoba lezi zintokazi zibuyisene, zakhumbula ukuthi ziyigazi elilodwa. 

UManaka, ongumlingisi odlala kwiGenerations – The Legacy, usanda kuvikela udadewabo uDineo ngesikhathi kuhlekiswa ngaye ezinkundleni zokuxhumana. 

“Osisi bami ngingabavikela noma ngabe kunjani,” kusho yena. Ngenhlanhla lezi zintokazi zakwaRanaka besisanda kubuyisana ngaleso sikhathi. 

UDineo wayephenduke inhlekisa kulandela ukuxoshwa kwiKaya FM, waphinde waba nesiqephu la avele wakhala khona esithubeni ngenxa yomzwangedwa. 

Njengamanje useMiami la enza khona uhlelo lwakhe lwePodcast and Chill oluvezwa kwiBET. Lezi zelamani zivumile ukuthi akulula ukuphilisana uma nidumile. 

Ukubuyisana kwabo, okwaqala ngomcimbi kayise, kubalulekile kuManaka. 

“Besibhekene nesihibe, kodwa okubalulekile wukuthi sikwazile ukudlula kuzo,” kuchaza uManaka Ranaka.