Ithelevishini

Sekushone umethuli wohlelo lwezangoma kuMoja Love

Umethuli wohlelo oluhlambalaza izangoma ezingumgunyathi nezidlala ngabantu ziti ziyabathwasisa, iFake Gobela, uGogo Mathambo usedlulile emhlabeni. 

UGogo Mathambo ushone ngoLwesibiili kusihlwa, ngokusho kwesitatimende esikhishwe yiMoja Love. 

“Siyadabuka ukumemezela ukuthi uGogo Mathambo, ongumethuli weFake Gobela usedlulile emhlabeni,” ibifundeka kanje ingxenye yesitatimende. 

“Ubelwa impi ebalulekile yokuveza obala ogobela mbumbulu nobuqola babo.

“IMoja Love izohlala imkhumbula ngesineke sakhe nokulwela iqiniso ngaso sonke isikhathi.” 

Lesi sitatimende asiyivezanga imbangela yokushona kwakhe kodwa Isigqi Sethu sesithole ukuthi ugule isikhashana. 

Kuvela ukuthi ubanjwe umkhuhlane, kwangathi uba ngcono kodwa wagcina eshonile.

Zikhona ke nezinsolo zokuthi uloywe yilaba bantu abebaphenya izinqa, behlambalazeke izwe libuka. 

Kulolu hlelo lwakhe, ubehamba nabantu abathi baqolwa ogobela ngesethembiso sokubathwasisa. 

Ubefike afune ukuthi babuyise imali eyakhokhwa yilowo owayethwasa, bese kuvela namanye amahlazo. 

Omunye nje kwavela ukuthi amathwasa esifazane ubewafuna ucansi, ewasabise ngokuwadungela izinto zawo uma engavumi.