EzintshaIthelevishini

Bakhala ngenkemane abalingisi beMuvhango abangaholile

UDuma Ndlovu, okunguye ungqondongqondo owasungula umdlalo kamabonakude othandwayo kuleli, iMuvhango, uzakhela igama elibi. 

Muva nje, uNdlovu nenkampani yakhe iWord of Mouth, bebesematheni ngokungakhokheli abalingi nabasebenzi ngesikhathi esifanele. 

Kuthiwa abasebenza kulo mdlalo, nabalingisi bakhona badonsa kanzima njengoba bengasawazi umholo kusukela ngoMandulo. 

Ngokubika kweZiMoja kukhona asebesengozini yokudlelwa izimoto nemizi ngoba bengasakhokhi nje. 

“Sisekhefini kusukela ngoMandulo futhi nemiholo yangaphambi kwaleli khefu asikayitholi. 

“Kungathi sifukuzela ubala ngoba nakhu singaphansi kwenkampani yomuntu omkhulu kule ndima,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

Omunye wabalingisi bakulo mdlalo, ocele ukungadalulwa ukhale ezimathonsi ngale nkiyankiya ababhekene nayo. 

“Kumanje sisabela ukudlelwa izimoto nemizi ngoba amabhange asibona njengabantu abangathembekile manje. 

“Uma abaphathi bengayisukumeli lento, kuyacaca noKhisimuzi uzoba mnyama kithi.” 

Abanye babalingisi ababeqavile nabakhulisa lo mdlalo waba yigugu kubabukeli, njengoSindi Dlathu, sebabaleka ngayo le nkinga. 

Ngonyaka odlule abasebenzi bakulo mdlalo bateleka bekhala ngakho ukukhokhelwa sekudlule isikhathi.