EzintshaUMaskandi

UKhuzani usebenzisa udumo lwakhe ukusiza abahlwempu

Umculi kaMaskandi ongomunye wabavelele kuleli, uKhuzani Mpungose usencome abalandeli bakhe abasiza abahlwempu. 

Ithimba labalandeli bakaKhuzani laseMnambithi beliyonikela ngemali emizini ethile kule ndawo abayihlonze ukuthi idonsa kanzima. 

Ezithombeni abazifake enkundleni yezokuxhumana, iFacebook, kuyabonakala ukuthi isimo asisihle kule mizi. 

Kusahlalwa ezindlini zodaka nazo ezibukeka zingekho esimweni esihle futhi ezibhidlikayo. 

Isimo sizothanda ukuba nzinyana kakhulu ke njengoba kungena ihlobo nje liza nezimvula esezivamise ukuba newala muva nje. 

UKhuzani ufake ividiyo yalo mcimbi wokudluliselwa kwemali kulo mndeni, wabe eseyiphelezela ngombhalo ochaza obekwenzeka. 

“Uhlelo lokubuyisela emphakathini lusalokhu luqhubeke njalo. Lapha iziko lami laseMnambithi beliyonikela ngo-R5 000 kweminye yemizi ebhekene nesimo esingesihle empilweni. 

“Ubukhona bami emculweni ngifisa bushintshe izimpilo zabantu abaningi,” kubhala uKhuzani kuFacebook. 

Usisi obebongela leli khaya, okubukeka sengathi umama noma umakoti wakhona, ubonge wanconcoza kuKhuzani. 

“Ngibonga kakhulu kubantu bakaKhuzani ukuthi beze ukuzosilekelela kuleli khaya lethu leli. 

“Siyabonga kakhulu kuKhuzani ukuthi njengoba uMnambithi umkhulu kangaka kodwa ubone kufanele azosiza kuleli khaya. 

OLUNYE UDABA: Isililo kushona umsakazi wezemidlalo woKhozi

“Siyabonga kakhulu, engathi nakwabanye engaqhubeka,” kusho umama wakuleli khaya abebekulo elingavelanga igama lakhe.