Bamfuna ephumile emoyeni uZimiphi ozakwabo
Kuyamshubela umsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela kulandela ukuhilizisana kwakhe esidlangalaleni nongqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele.
Ngokubika kweSunday World, sekuneminyakazo yangaphakathi kulo msakazo yokuphoqa abaphathi ukuthi bayisukumele lento kaZimiphi.
Usolwa ngokuthi uyaziphakamisa ngoba azi ukuthi abaphathi bomsakazo basentendeni yesandla sakhe.
“Ukube bekungomunye umsakazi, ngabe kade emisiwe,” kucashunwe omunye wabasakazi okuthiwa ucele ukufihlwa ngoba esabela impilo yakhe.
“Kodwa ngoba yena ungubhululu nabaphathi, uyavikelwa.”
UZimiphi wasusa umsindo ngesikhathi ekhuluma esemoyeni ngokuthi kunobhuti bakhe ababulawa uphiko lwamaphoyisa olubizwa ngeNational Intervention Unit (NIU).
Wathi abafowabo babengenze lutho, wathi lolu phiko lungababulali abangenanembeza.
UCele wabe esemphendula lo msakazi ngesikhathi kufihlwa iphoyisa elafa ngesikhathi edubulana nezigebengu muva nje.
Wasola uZimiphi ngokuthi nguye owaphaka impi yokuthi kubulawe amaphoyisa ngalento ayisho.
Manje sekuvela ukuthi abasebenzi boKhozi FM basezinhlelweni zokubhalela abaphathi incwadi, befuna ukuba kwenziwe okuthile ngoZimiphi.
“Ngeke sikwazi ukuvumela isimo la abanye abasakazi bengathintwa,” kucashunwe lo msakazi ocele ukufihlwa esho kanje.
“Abanye abasakazi abafana noNgizwe Mchunu baxoshelwa izinto ezincane kunalokhu.”
Okhulumela iSABC uMmoni Seapolelo utshele iSunday World ukuthi ngokwabo lolu daba seluphethiwe.
OLUNYE UDABA: Kushone umlingisi obeshiya ababukeli befa yinsini
“Le nhlangano ilusebenzile lolu daba ilandela imigomo yayo yangaphakathi futhi sekuvaliwe manje.”