Kushone umlingisi obeshiya ababukeli befa yinsini
Sekuvele izindaba esishaqisayo zokudlula emhlabeni komlingisi obephinde abe ngusomahlaya, uLebohang Lettie Mpyana.
Lo mlingisi oneminyaka engu-34 ubudala, odabuka eMmotong eLimpopo, udume ngendawo abeyidlala emdlalweni wethelevishini iDiepCity.
Kulo mdlalo obukhonjiswa kwiMzansi Magic ngonyaka odlule, uLebogang ubedlala indawo kaKhelina.
Iziqephu zakhe nomyeni wakhe wakulo mdlalo, uRingo – obedlalwa ngu-Obed Baloyi – bezishiya ababukeli befa yinsini.
Esitatimendeni esifushane esifakwe ekhasini lakhe le-Facebook, okhulumela umndeni, u-T Mpyana, ucele abantu ukuthi bagweme ukudlulisa amazwi enduduzo kulo.
Isitatimende sifundeka kanje, “ULebo udlule emhlabeni ngemuva kokugula isikhashana.
“Siyakubonga ukuzwelana kwenu nathi nemikhuleko yenu kulesi sikhathi esinzima.
“Imininingwane mayelana nenkonzo yesikhumbuzo neyomngcwabo izodalulwa maduze.”
ULebo waziwa kakhulu ngokulingisa indawo kaKhelina obehlale ejabule futhi enamahlaya.
OLUNYE UDABA: UNgizwe usola uThinah ngokuxolisela ‘ukulingisa ucansi kwiTV’
Kulo mdlalo ubesebenza nabalingisi abahlonishwayo abafana noHamilton Dlamini, Sonia Mbele, Mduduzi Mabaso noDawn Thandeka King.