UNgizwe usola uThinah ngokuxolisela ‘ukulingisa ucansi kwiTV’
Ubizwe ngesithutha umculi weGospel, uThinah Zungu kulandela ukuxolisa kwakhe ngesiqephu asidlale emdlalweni wethelevishini la enza khona ucansi.
UThinah ungomunye wabalingisa emdlalweni we-etv, iMother of All kanti usanda kuvela esiqeshini esinocansi.
Ngenxa yomculo awenzayo nokuthi ungumfundisi, ube esesolwa ngokuthi lokhu akuhambisani nenkolo.
Uze wagcina exolisile ngalokhu, eveza ukuthi bekungokokuqala futhi kugcina ukuthi abe sesiqeshini esinjengalesi.
Kodwa uNgizwe usemsolile uThinah ngokuxolisa, wathi ukhombise ubuvaka ngalokhu ngoba lento abeyidlala iyindalo kaNkulunkulu.
“Uxolisile? Uyisthutha!” kubabaza uNgizwe ekhuluma kwishaneli kaSimphiwe Sibusiso kwi-Tik-Tok.
“Uyisiphukuphuku… Uxoliselani? Wafika kanjani yena la emhlabeni? Bona labo bantu abakholwayo bafika kanjani?
“Bafika ngocansi bonke laba bantu abakholwayo. Ucansi luyimbvelo, luyilungelo lomzimba. Luyingxenye yempilo.”
Uthe into efihlelwa ucansi hhayi ukuthi akumele lwenziwe, kodwa wukuthi akumele lwenziwe esidlangalaleni.
“Isizathu sokuthi luhlonishwe yingoba akufanele… Abantu kumele bahloniphane, bangafani nezinkomo, bengafani nezimbuzi, bengafani nezilwane.
“Ziphukuphuku lezinto. Nalamakholwa agxeka abanye, kumanje (egagula isitho sangasese somuntu wesilisa) imile…
“Afuna bewambe belimaza yonke indawo le ngasese. Esikhundleni sokuthi basho ukuthi lento kumele ibe nomkhawulo kanje kanje, uyabona.
“Yingakho nakwithelevishini zonke izinto zinezaziso zokuthi zilungele iminyaka emingaki.
“Ngakho uma yena engaxolisela ukuthi wenze ucansi, ebe afika ngalo emhlabeni, elwenza endaweni ayikhokhelelwayo – okuwukulingisa…”
UNgizwe ube eseveza nokungabaza kwakhe inkolo, ethi amakholwa abuye enze izinto ezixakayo nje.
“Kusho ukuthi uyisilima, kusho ukuthi namakholwa afunaukukholwa umuntu oma phambi kwawo abe ngumzenzisi, angabi uyena.
FUNDA NALA: Usengena emculweni uKhon’uzogcina ozalwa yiNdidane
“Yingakho mina ngiyingabaza nje lento yobukholwa, inobulima nje,” kusho umfo kaMacingwana.