UMaskandiUmculo

Usengena emculweni uKhon’uzogcina ozalwa yiNdidane

Indodakazi kaMtshengiseni “Indidane” Gcwensa, uKhon’ uzogcina isezinhlelweni zokukhula emculweni kaMasikandi njengoba ilandela ezinyathelweni zikayise. 

Ezethula kubalandeli, uKhon’uzogcina, noma Indodakazi yeNdidane, okuyigama abizwa ngalo emculweni, uveze ukuthi nguye lo uyise nembangi yakhe enkulu uMgqumeni abake bacula ngaye. 

“Nangu-ke lo Khon’uzogcina amaqhawe ayecula ngaye. Webalandeli bakaMgqumeni noMtshengiseni, ubaba wacula ngami ngiseneminyaka emithathu kuphela. 

“Waphinda futhi senginemihlanu, wathi, ‘Emngeni ukhona uKhon’uzogcina wakwaGcwensa. 

“Kuthe kusenjalo, laqhamuka neBhova likaDikadika, lacula ngami. 

“Yingakho esikhathini esiningi ngizibiza ngeS’lomo seNdidane futhi leli gama sekuyilona elizophasa, kungenzeka eleNdodakazi yeNdidane lilandele ngemuva.”

UKhon’uzogcina uthe ngoba uyazi abantu bazoba nemibuzo eminingi ngaye, yingakho eqoke ukusebenzisa ikhasi lakhe kwiFacebook ukuzethula.  

“Ngenxa yesimo, ngeke ngikhone ukuthi eminye imibuzo nginipjendule ngamunye ngamunye,” ibhale kanje Indodakazi yeNdidane ekhasini layo kwiFacebook. 

“NginguKhon’zogcina Gcwensa. Ngineminyaka engu-22 futhi ngizalwa uMaNxumalo eMsinga  kwesaKwaMajozim, esigodini saseMngeni. 

“Ngiyintombazanyana nje ezizamela ikusasa rlingcono,” kuchaza le ntokazi esencane. 

Ithe isenesikhashana ingenile emculweni, nakhona iholwa yisifiso sokuqhakambisa ikhono layo eyazalwa nalo kwazise izalwa yigagu elinofakazi.

“Kule yomculo ngimusha kakhulu ngoba angikakahlanganisi noyyaka ngikhona ngoba ingoma yami eyi-single yokqala ngqa iphume ngoMbasa. 

“Ngakho nginezinyanga eziyisithupha nje ngikule ndima. Kukhona nokunye negikuzamayo ngale komculo,” kuchaza Indodakazi yeNdidane. 

Ube esengena nakwezithinta yena uqobo, eveza ukuthi usaziphethe kahle njengoba engakagilwa abafana futhi engakabi nalo nesoka. 

“Okwamanje angikabi nayo ingane futhi nosbali wenu akakabi khona. Ngisemncane ngokweminyaka (ukuthi ngingazifaka emjolweni). 

“Ngiyintombazanyana nje ezikhulele ngomthandazo – ekuseni, emini nantambama – ngihlezi ngixhumana noNkulunkulu.” 

Uthe ngenxa yothando ayeluthola kuyise, uzoqinisekisa ukuthi igama lakhe nomuzi wakhe ngeke kushabalale esaphila yena.

“Yingakho esikhathini esiningi ngihlezi ngicela kuMdali nakuye uNdimande ukuhti bangiphe amandla ukuze umuzi wakhe ungeke ube yinhlekisa emehlweni abantu. 

“Yingoba uthando ayengipha lona esaphila namanje ngisalubona… Yikho ngaso sonke isikhathi ngihlezi ngizikhumbuza ngalo. 

OLUNYE UDABA: ‘Uhlekiswa’ amahlebezi okwenza inzuzo ngokufa kukaSenzo Meyiwa

“Into yokuqala engiyoyifeza ekuphumeleleni kwami ukuqinisekisa ukuthi umuzi wakDlul’ujeqeze awusoe wafa nangebhadi.”