ImicimbiUMaskandiUmculo

Ukukhathazeka ngeSpring Picnic uKhuzani ehlatshwa wukugula

Isihlabani sikaMaskandi, uKhuzani Mpungose, akekho muhle empilweni njengamanje ngokusho kwemithombo esondelene nalo mculi. 

Kuthiwa isimo sakhe besibucayi ngendlela yokuthi uze wanquma ukungayi emicimbini ebingempelasonto edlule.

Eminye yale micimbi, yilo obuhlelwe nguBhaka Nzama eMid-Illovo ngoMgqibelo, abengomunye wabazonandisa kuyo uKhuzani. 

Ngokubika kweSunday World, uKhuzani ubesekhokheliwe idiphozithi ngokudlala kwakhe kulo mcimbi obekulindelwe ngabomvu njengoba enengoma entsha.

UMthokozisi Zuma, oyisethenjwa sikaKhuzani, uziqinisekisile lezi zindaba zokugula kwakhe. 

“Ngingakuqinisekisa ukuthi ubebhukhelwe umcimbi obungempelasonto,” kusho uZuma kwiSunday World

“Uke waxhumana nethimba likaBhaka futhi ubejabule ngalo mcimbi, ngebhadi wagula kwadingeka ahoxe. 

“Ubecabanga ukuthi yinto engatheni futhi waqhubeka namalungiselelo. Nokho isimo sakhe sigcine singasesihle ngoLwesihlanu. 

“Kube sekubonakala ukuthi ngeke akwazi ukudlala ngendlela ayifisayo uma eqhubeka.”

Ekugcineni uKhuzani unqume ukuhoxa kulo mgidi. 

UZuma uqhube wathi, “Uhoxile emcimbini kaBhaka. Namanje akaphilile kahle kodwa sekungozi makhaza. 

“Siyaxolisa egameni lakhe ngokuphuthelwa wumcimbi. Ngeke ngikwazi ukunikeza imininingwane eyengeziwe ngokugula kwakhe.” 

UBhaka naye ucashunwe ekuqinisekisa ukuthi uyitholile idiphozithi kaKhuzani futhi uyasiqonda isimo. “UKhuzani Mpungose ​​ubeyingxenye yohlelo lwethu, ngase ngimkhokhele ngokugcwele.

“Kodwa ngoLwesihlanu wafona wachaza ukuthi akaphilanga, wabuye wangibuyisela imali yami. 

“Ngisadumele kodwa ngiyasiqonda isimo. Ngithemba ukuthi uzosijoyina emcimbini wethu olandelayo.”

Kuvela ukuthi ukugula kwalo mculi wodumo lwengoma ethi, Umjolo Lowo ngaphambi komcimbi wakhe omkhulu sekuqala ukubakhathaza abasondelene naye. 

OLUNYE UDABA: ‘OTshatha badonswa uKhuzani ngamakhala,’ kusho uZanefa Ngidi

UKhuzani uhlele iGcwalisa Spring Picnic, okuhlelelwe ukuthi ibe ngomhla ka- 4 kuLwezi eKing’s Park Stadium, eThekwini.