‘Uhlekiswa’ amahlebezi okwenza inzuzo ngokufa kukaSenzo Meyiwa
UZandie Khumalo useziphendulelile ngemibiko yokuthi wenza izizumbulu zemali ngokudayisa okwenzeka ngosuku lokubulawa kukaSenzo Meyiwa.
UMeyiwa wafela khaboZandie, la ‘ayengumkhwenyana’ khona njengoba ayenobudlelwano nosisi wakhe uKelly Khumalo.
Ngempelasonto edlule kuqubuke izinsolo kwiTwitter zokuthi lo mculi nodadewabo, uKelly Khumalo basayine isivumelwano sika-R22 Million neNetflix sochungechunge lohlelo oluzolanda okwenzeka ngelanga lesigameko.
Le mibiko icasule abantu abaningi, njengoba belindele ukuthi abakwaKhumalo bakhulume iqiniso enkantolo hhayi kwabethelevishini.
UZandie ungene kwi-Instagram wazwakalisa ukushaqeka ngalezi zindaba, ethi yena akazi lutho ngesivumelwano okukhulunywa ngaso.
Kodwa-ke, khona lapho uphinde wasebenzisa ithuba ukumaketha ingoma yakhe entsha ezophuma kuleli sonto.
“Kuhlale kungiqeda ngensini uma ngithola izinto ngami ebengingazazi kwamina,” ubhale kanje uZandie.
“Kodwa ke akumele ubavumele bakujikise kulokho okumele ukunake. Njengami, beka iso lakho kulokho okufunayo.
“Into esigxile kuyona njengamanje ukukhishwa kwengoma yami entsha ethi “Emagameni Amathathu” ngoLwesihlanu mhla ka-13 kuMfumfu…
OLUNYE UDABA: ‘OTshatha badonswa uKhuzani ngamakhala,’ kusho uZanefa Ngidi
“Emagameni amathathu, elikaYise, eleNdodana noMoya oNgcwele, laduma izulu,” kubhala le ntokazi.