Uhlaba ikhefu kwezokuxhumana uMoonchild Sanelly
UMoonchild Sanelly usanda kudedela ibhomu ngempilo yakhe – uthi usazoke ahlabe ikhefu ezinkundleni zokuxhumana.
Lo mculi waseNingizimu Afrika usenesikhathi eside exoxa nabalandlei bakhe ezinkundleni zokuxhumana, uthi lokhu kumshintshile.
Enye yezinto ezimnandi azijabulelile wukuhlangana nabalandeli emhlabeni wonke futhi ashaye izingoma ezibusisayo ehlanganyele nezikhondlakhondla zomculo wamazwe ngamazwe.
Kodwa nazi izndaba zakamuva ngalo mculi: UMoonchild ungene ezinkundleni zokuxhumana ngoMgqibelo wamemezela ukuthi usenqume ukuphuma kuzo isikhashana.
Kungani? Uthi uzwa ingcindezi, yilokho nje. Vele ke kwesinye isikhathi sonke sidinga ukuhlehla esixukwini ukuze sikhokhe umoya.
NoMoonchild wenza lokho ke njengamanje. Lo mculi owaziwa ngezingoma okukhona kuzo iThunda Thighs neYebo Teacher.
“Ngizoke ngihoxe ezinkundleni zokuxhumana isikhashana. Ngisathwele kanzima okwamanje,” kusho le ntokazi kwiTwitter.
“Cishe nocingo ngizolucisha nje noma iviki elilodwa. Ngidinga ukubuyisa nokupholisa umqondo.
OLUNYE UDABA: ‘Uhlekiswa’ amahlebezi okwenza inzuzo ngokufa kukaSenzo Meyiwa
“Uma kukhona okuphuthumayo (enifisa ukungazisa khona) niyazi kumele nifonele bani. Ukukhuluma iqiniso nje, sekungaphezu kwamandla.”